UMDLALI wasezinhlangothini, uSanele Barns, obuyela kwiRichards Bay FC emuva kwesizini nesigamu egijima kwiStellenbosch FC
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
USIHLALO weRichards Bay, uSifiso "Jomo" Biyela, uveze ukuthi uSanele Barns ubevele efuna ukubuyela kuleli qembu elamdayisela iStellenbosch FC ngo-2024.
Lo mdlali oyibamba ezinhlangothini, wadayiswa yiBay ngo-R5 million maphakathi nesizini ka-2023/2025 kodwa waze wayifulathela emuva kokuyivikisa izembe ngokunqoba imidlalo yokuhlunga eyayidlala namaqembu eMotsepe Foundation Championship kulandela ukuqeda endaweni ka-15 kwi-log yeBetway Premiership.
Emuva komdlalo wokugcina eyawudlala neBaroka eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, uBarns wenganywa wusizi evalelisa kubalandeli beBay.
UBiyela uveze ukuthi bebefuna ukumboleka uBarns kwiStellies kodwa leli qembu lafuna ukubadayisela okuyinto abayivumile.
"Sesibheke ekutheni simthenge ngoba le nto yokuboleka abadlali iyahlupha. Sifuna umdlali azazi ukuthi ukuphi, abe ngowethu ukuze sibashaye ngaye uma befika lapha," kusho uBiyela.
KwiStellies, uBarns udlale imidlalo engu-68, washaya amagoli ayisikhombisa, wakha ayisithupha emiqhudelwaneni ehlukene. Ekuqaleni kwesizini iBay isayinise inqwaba yabadlali abasebancane, yanyusa nabebedlala kwiDStv Diski Challenge abangenaso isipiliyoni sokudlala kwiPremiership.
UBiyela uthe kuzobasiza ukubuya kukaBarns.
"Ubelokhu esho ukuthi ufuna ukubuyela eqenjini. Nathi sikuvumile lokho ngoba vele akahambanga ngoba engumdlali obhedayo kodwa sasinezinkinga zemali ngaleso sikhathi. Ngaphandle kokuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu, ungumuntu okukuhle ukuba naye eqenjini. Uzosisiza kakhulu ngesipiliyoni sakhe ngoba sinabadlali abasebancane eqenjini," kusho uBiyela.
IBay isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-15. Izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni wePremiership wabakhaya baKwaZulu-Natal eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngo-7.30 ebusuku.
Related Topics: