UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi onengcindezi yokucosha amaphuzu naleli qembu
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, ubhekene nobunzima kanti udinga ukusheshe athole isixazululo sokutakula iqembu ukuze aqhubeke nokuliqeqesha engenayo ingcindezi.
Leli qembu selihlulwe imidlalo emihlanu ilandelana okubalwa kuyona emine yeBetway Premiership noweCarling Knockout elihlulwe kuwona yiMarumo Gallants sekukhahlelwa amaphenathi kowandulela owamanqamu.
Ngesikhathi beguqiswa yikaizer Chiefs ngo 1-0 kowakamuva weligi, uMngqithi ukhale ngokuthi igoli bekufanele liphikwe ngoba u-Aden McCarthy ubesemhlabeni ongamfanele.
Uthe izinqumo ezifana nalezi ziba nomthelela omubi emaqenjini nakubaqeqeshi ngenxa yokungabibikho kwe-Video Assitant Referee (VAR), ebholeni lakuleli.
Nakuba engashayanga eceleni ngokugqugquzela ukusetshenzisa kwalobu buchwepheshe, kubukeka esadidekile ngokungahambi kahle eqenjini lakhe.
Ngesikhathi ebuzwa ngesizathu sokubhimba kwezinto kwi-Arrows esithangamini nabezindaba, ngaphandle kwezinqumo ezithathwa ngonompempe, uphendule wathi akazi.
Ngeshwa, kuwumsebenzi wakhe uMngqithi ukuthi akwazi lokhu. Kusemahlombe akhe ukucubungula okwenzeka eqenjini, bese eqhamuka nezixazululo uma kukhona okungalungile endleleni elidlala ngayo, isibalo samagoli, indlela elivala ngayo emuva nokunye.
Kuyiqiniso ukuthi i-Arrows ayikwazanga ukusayinisa abadlali abasha kuleli windi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali ngenxa yesigwebo seFifa kodwa uMngqithi kufanele asebenze nabadlali anabo, athole okungenani iphuzu emaqenjini abasondelene nawo.
Nokho, akukubi konke okwenzeka kuBafana Bes’thende. Selokhu uMngqithi abuyela kuleli qembu esuka kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule lidlala isitayela sebhola esihle.
Kunabadlali abagqamile okubalwa kubona uSiyanda Ndlovu, oshaye amagoli amathathu, waba nesandlla kwamanye amane emidlalweni engu-15 yeligi.
Nokho, uNdlovu nabanye abadlali abenze kahle emidlalweni edlule ngeke balifukule bodwa iqembu, badinga abagadli ababukhali nodonga oluqinile lwasemuva.
Yilezo zinto okufanele zigqame uma sebevakashele iRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngo-7.30 kusihlwa.
Lona wumdlalo okulindeleke ukuthi i-Arrows iwunqobe kodwa kungaba yingozi ukungayihloniphi iNatal Rich Boyz.
IBay ayikawubambi umgqigqo oqondile kule sizini. Isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-18. Iyishiya ngamaphuzu amabili i-Arrows esendaweni ka-11.
INatal Rich Boyz bekubhekwe ukuthi ikhuphule izinga kule sizini kulandela ukusayinisa abadlali okukhona kubona uGabadinho Mhango.
Lo mgadli odabuka eMalawi useshaye amagoli amane emidlalweni engu-17 kule sizini, waphinde wakhulisa nabadlali abasebancane abaseqenjini. Abanye babo sebeqalile ukuzibonakalisa kodwa abanye kuzobathatha isikhathi ukuzinza esigabeni esiphezulu.
Leli qembu seliphinde labuyisa uSanele Barns, elamdayisela iStellenbosch ngo-2024, futhi owaba nesandla ekulisizeni livike izembe ngesikhathi lidlala kuma-playoff ngawo lowo nyaka.
UBarns uzofika izinto sezishintshile kwiBay njengoba ibheke ukuphinda eyakwenza ngesizini edlule, lapho yaqeda khona kwi-Top 8, futhi angaba nesandla kulokho.
Kodwa-ke, namuhla kuzobe kubhekwe kakhulu ukuthi uManqoba uzokwazi yini ukulandela igama lakhe, asize iqembu lakhe ukuthi liqede umgqigqo omubi wokuhlulwa imidlalo ilandelana.