UMDLALI weSenegal, uSadio Mane, emakwe oweMorocco, u-Achraf Hakimi, kowamanqamu we-Africa Cup of Nations
Image: BACKPAGEPIX
INHLANGANO eyengamele ibhola emhlabeni, iConfederation of African Football (Caf), iwajezise womabili amaqembu abeyebhekene kowamanqamu we-Africa Cup of Nations esanda kusongwa eMorocco kulandela uthuthuva olusuke kulowo mdlalo nasekupheleni kwawo.
Ngesikhathi iMorocco ithola iphenathi umdlalo usuyophela abadlali baseSenegal badubile, baphuma enkundleni kodwa bagcina bebuyele ngemuva kokuncengwa ngobengukaputeni wosuku, uSadio Mane.
ISenegal igcine iyithathile indebe inqoba ngo 1-0 wegoli likaPape Gueye kwi-extra time.
Ngemuva komdlalo, iCaf ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi isazophenya ngezigameko ezingezinhle eziqhubekile ngisho umdlalo usuphelile. NgoLwesithathu ebusuku le nhlangano ikhiphe uswazi oluthi alufane kwiFédération Sénégalaise de Football (FSF) yaseSenegal neFédération Royale Marocaine de Football (FRMF) yaseMorocco.
Umqeqeshi weSenegal, uPape Thiaw, okuwuyena oyalele abadlali ukuthi baphume enkundleni umdlalo ungakapheli, umiswe imidlalo emihlanu engaphansi kweCaf, waphinde wahlawuliswa u-100 000 USD (olinganiselwa R1.57 million).
Abadlali beSenegal, u-Iliman Cheikh Baroy Ndiaye no-Ismaïla Sarr, bamiswe imidlalo emibili ngezenzo zokusabisa unompempe.
I-FSF ihlawuliswe u-615 000 USD (olinganiselwa ku-R9.64 million) ngokungaziphathi kahle kwabadlali, abaqeqeshi nabalandeli.
Ngasohlangothini lweMorocco, umdlali wasemuva u-Achraf Hakimi umiswe imidlalo emibili, kodwa isigwebo sowodwa silengisiwe.
Uzakwabo u-Ismaël Saibari umiswe imidlalo emithathu waphinde wahlawuliswa u-100 000 USD (R1.57 million) ngokungaziphathi kahle.
Bobabili babonakale bethatha amathawula onozinti bamaqembu ababedlala nawo kulo mqhudelwano.
I-FRMF ihlawuliswe u-315 000 USD (R4.93 million) ngokungaziphathi kahle kwama-ball-boy, ukuphazamisa ukusebenzisa kwe-VAR nokusebenzisa ama-laser.
ICaf iphinde yasichitha isicelo seMorocco sokuthi ubuyekezwe umphumela womdlalo wamanqamu we-Afcon.
Related Topics: