Ezemidlalo Ibhola

Imibango emzuliswaneni wokugcina we-Uefa Champions League

Xolile Mpisane|Published

I-ARSENAL izongena emzuliswaneni wokugcina wamaqoqo we-UEFA Champions League ilwela ukuvikela irekhodi lokunqiba yonke imidlalo yayo.

Image: FACEBOOK

UMZULISWANO wokugcina wamaqoqo we-UEFA Champions League uzoba nemibango eminingi ehlukene kwazise wonke amaqembu azobe elwela izinto ezahlukene.

Kusukela ngesizini ka-2024/25 lo mqhudelwano waqala ukudlalwa ngohlelo oluhlukile, lapho amaqembu angu-36 efakwa khona eqoqweni, bese edlala namane ekhaya, namanye amane ekuhambeni.

Amaqembu ayisishiyagalombili aqeda phezulu adlulela esigabeni sokuqala somkhumulajezi, i-Last 16.

Lawo aqeda endaweni yesishiyagalolunye kuya kweka-24 adlala imidlalo yokuhlunga, lapho iqembu ngalinye liqhathwa nelinye ekhaya nasekuhambeni. Ayisishiyagalombili aphuma phambili nawo angena kwi-Last 16.

Amaqembu aqeda endaweni ka-25 kuya kweka-36 ayaphuma kulo mqhudelwano.

Njengamanje iqembu elizihola phambili ngamaphuzu angu-21, i-Arsenal, nelisendaweni yesilibili ngamaphuzu angu-18, iBayern Munich, yiwona aseqinisekisile ukuthi azongena kwi-Last 16.

La maqembu azobanga ukuqeda esicongweni kwi-log emidlalweni yawo yakusihlwa.

Wonke amanye asabambele kwiTop 8 okuyiReal Madrid, Liverpool, Tottenham Hotspur, Paris Saint-Germain, Newcastle United neChelsea, asengagudluzwa awele kuma-playoff uma imiphumela ingawahambeli kahle.

Emaqenjini angaphandle kwe-Top 24 azobe elwela ukungena kweyomkhumulajezi kubalwa iNapoli, Benfica, Ajax, Copenhagen namanye.

Imidlalo yakusihlwa ye-UEFA Champions League (yonke iqala ngo-10pm): Paris Saint-Germain vs Newcastle United, Manchester City vs Galatasaray, Liverpool vs Qarabağ FK, Borussia Dortmund vs Inter Milan, Barcelona vs FC Copenhagen, Arsenal vs Kairat Almaty, Bayer Leverkusen vs Villarreal, Atlético Madrid vs Bodø/Glimt, Benfica vs Real Madrid, Eintracht Frankfurt vs Tottenham Hotspur, Union Saint-Gilloise vs Atalanta, PSV Eindhoven vs Bayern Munich, AS Monaco vs Juventus, Napoli vs Chelsea, Ajax vs Olympiacos, Athletic Club vs Sporting CP, Club Brugge vs Marseille, Pafos vs Slavia Prague.