Ezemidlalo Ibhola

UMokoena ukhuza ulaka kubalandeli beDowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

UTEBOHO Mokoena weMamelodi Sundowns oncenga abalandeli beqembu lakhe ukuba behlise umoya

Image: BACKPAGEPIX

ISILOMO seBafana Bafana, uTeboho Mokoena, sifongqe isigqoko kubalandeli beMamelodi Sundowns sibakhumbuza ngokubalulela kokweseka leli qembu laseChloorkop, ebuhleni nasebubini.

UMokoena ongomunye wabamqoka kwiSundowns, ubekhuluma nethimba layo labezindaba muva nje, lapho ecele khona abalandeli ukuba behlise umoya yize eqonda ukuthi isizini abayiqalanga ngendlela bonke abebefisa ngayo.

Lo mdlali oyisilomo nakwabalandela ibhola lase-Afrika ukhuluma kanjena nje, iSundowns isematheni kulezi zinsuku kulandela izigameko zaseLoftus Versfeld Stadium, ngempelasonto edlule.

Emuva kokubambana ngo 2-2 ne-Al Hilal Omdurman yaseSudan emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League, abalandeli beSundowns bavuke umbhejazane bethi kabamudle bamfele umqeqeshi wasePortugal, uMiguel Cardoso, nosomaqhinga uFlemming Berg odabuka eDenmark obhunyelwe ngamanzi.

Ngenxa yobubi bezigemegeme, iSundowns iphoqeleke ukukhipha isitatimende isabisa ngejele kubenzi bobubi. Lapha kuchaphazeleke nomengameli weqembu, uThlopie Motsepe, obezama ukubhula umlilo, bagcina sebemchapha ngenhlamba. 

Abalandeli beSundowns bakholelwa ekutheni uPitso “Jingles” Mosimane, nguyena kuphela ongasiza leli qembu libuyelwe yisithunzi salo ebholeni lase-Afrika kwazise ngaphansi kwesandla sikaCardoso balibona lihlehla nyova. 

NgoLwesibili, iSundowns ihlule iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

“Iqiniso elingenakuphikiswa wukuthi iSundowns ngeke iyinqobe yonke imidlalo eyidlalayo ngisho ngabe iyathanda,” kusho uMokoena.

“Kuliqiniso nokuthi iSundowns ayizange iyiqale ngendlela ebifisa ngayo kwiChampions League nakwiBetway Premiership kodwa lokhu akusho ukuthi inqola ngeke isabuyela kujantshi.

“Konke lokhu kuzokwenzeka kahle uma iqembu nabalandeli bebumbene. Ngakho-ke asikho isidingo sokuxabana sodwa. Siyabadinga abalandeli ukuze sibuyisele inqoba emgqeni kwiChampions League nakwiligi.

“Ngaphandle kwabalandeli asilutho. Ngiyazicelela ukuba sonke sikhumbule ukuthi sihlangene ngothando lweSundowns esizifela ngayo nesizimisele sonke ukuyifela kukuhle noma kukubi."

Mayelana nokuthelwa ngamanzi kukaBerg neziqubulo zabalandeli ebezikhomba ukuthi bafuna uMosimane esihlalweni sobukhosi, iSundowns ikhiphe isitatimende ekuqaleni kwesonto isabisa ngokubathathela iziyathelo zomthetho abazoqhubeka nokuhlasela izikhulu njengoba kwenzekile ngempalsonto edlule.