Ezemidlalo Ibhola

Yinqwaba elimele kwiSharks ngaphambi kwempinda neStormers

Xolile Mpisane|Published

USIYA Kolisi ngomunye wabadlali beHollywoodbets Sharks abaphume sebelimele emdlalweni wangempelasonto neDHL Stormers

Image: BACKPAGEPIX

UKHATHAZEKILE ngesibalo sabadlali abalimele njengoba bezophinde babhekane neDHL Stormers emdlalweni we-United Rugby Championship umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJP Pietersen.

ISharks iqophe umlando ngoMgqibelo iba yiqembu lokuqala elinqobe iStormers kwi-URC kule sizini, iyiguqisa ngo 30-19 esibayeni sayo eDHL Stadium, eKapa.

Nokho, lo mphumela ufike nobunzima kwazise iqembu laseThekwini liphinde lalinyalelwa ngabanye abadlali abamqoka.

Abanye kungenzeka babuye kolandelayo neStormers eThekwini ngoMgqibelo kodwa abanye kungenzeka bawubuke bengaphandle.

“Kusafanele ngibheke ukuthi ngisenabo yini abadlali abasele abalungele ukudlala. Ngicabanga ukuthi silahlekelwe abadlali abathathu abagijima kwi-loose forward. Injalo-ke imidlalo esuke iphakathi kwamaqembu aseNingizimu Afrika. Kusuke kuzwanwa amandla, kunzima, kodwa siyithanda injalo,” uphawule kanje uPietersen ngemuva komdlalo wokuqala neStormers.

“UBongi Mbonambi udonseke umsipha osemlenzeni ezivocavocela ukuqala komdlalo. Kungenzeka abuye emdlalweni ozayo, isinqumo sizosithatha ngokuhamba kwesonto. USiya (Kolisi) udonseke umsipha osethangeni, uManu (Tsituka) ulimale eqakaleni kanti uPhepsi (Buthelezi) ulimale kubhozo.

“Sisazobona ukuthi balimele kangakanani. UMatt Romao usanda kulimala ehlombe, ngakho-ke sesilahlekelwe ama-loose forward amane emasontweni amabili.

“Sizobona ukuthi senzenjani. SinoTino (Mavesere) noCorne Rahl, kanti singabasebenzisa u-Andre Esterhuizen no-Ethan Hooker kule ndawo uma kuphoqa.”

UPietersen ukhuthaze abadlali bakhe ukuthi badlule kokwenzeke eKapa ukuze baphinde bathole umphumela ofanayo eThekwini.

“Siyazi ukuthiiStormers izofuna ukubuyisa izinduku. Bayiqembu elisezingeni eliphezulu ngakho-ke awukwai ukuzithela ngabandayo uma udlala nabo,” uqhube kanje uPietersen.

“Inselelo enkulu embhoxweni wukubamba umgqigqo. Ningadlala kahle emdlalweni owodwa kodwa nidinga okuthe xaxa ukuze ninqobe olandelayo, ikakhulukazi uma imizimba ikhahlamezekile. 

“Yilapho iqembu livivinywa khona. Bonke abadlali kufanele bame ngomumo ngoba amathuba okudlala angavela ngokushesha uma kunabadlali abalimele.”

ISharks isendaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni eyisishiyagalolunye kanti iStormers isisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-36 emidlalweni eyisibalo esifanayo.