Ezemidlalo Ibhola

IChiefs ibuyise isithunzi koweCaf ibadlela amaphuzu

Mthokozisi Mncuseni|Published

IQHAWE leKaizer Chiefs laseNdola, uPule Mmodi, liyiwinise okokuqala kwiCaf Confederation Cup kule sizini

Image: BACKPAGEPIX

ZESCO United (0) 0

Kaizer Chiefs (1) 1

KUBUYE ukuzethemba kwiKaizer Chiefs ngesikhathi iqoqa amaphuzu agcwele okokuqala kwiCaf Confederation Cup ngokunqoba kwiZESCO United emdlalweni ka-Group D izolo ntambama, eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia. 

Kuwathathe imizuzu emibili ukuthi Amakhosi azithole esehamba phambili ngegoli eliqedelwe nguPule Mmodi kade kuyikhona engqofelwe epalini nguFlavio Da Silva.

Womabili la maqembu aqale lo mdlalo engayazi iwini kuleli qoqo okuboshelwe kulona iZamalek SC ne-Al Masry okungamaqembu athathwa njengamakhulu e-Egypt.

Siye koshicilela lo mbiko iZamalek ne-Al Masry bengakawuqali owabo ka-Group D obuse-Egypt izolo ebusuku.

Okusheshe kwacaca esiwombeni sokuqala wukuthi iChiefs ibibonana kangcono. Lokhu kugcine sekuqhatha abeZESCO nonondweba obephethe umdlalo kwazise bebebukeka bekholelwa kakhulu ezikhwepheni.

Ayikho iminyakazo ethusayo ebiqhamuka neqembu lasekhaya kulesi siwombe sokuqala obekungobunye ubufakazi bokuthi iChiefs ibibhekene neqembu ebelingakacoshi lutho ngokwamaphuzu emidlalweni emibili yamaqoqo.

Kubukeke kukhona okutshelwe abadlali beZESCO ngesikhathi sekhefu kwazise ibuye isinokuzethemba obekungekho kwesokuqala.

Esiwombeni sesibili, iChiefs ikhombise izimpawu zokwaneliseka ngegoli elishaye esiwombeni sokuqala obekufakazelwa wukungajahi kwayo ukudlala.

Umdlalo uhambe waze wafika emzuzwini ka-90 iChiefs ingazange iphinde ilishayele ipali leqembu lasekhaya.

Ngaleso sikhathi iZESCO ibilokhu iya ngokuya ikhombisa izimpawu zokuhlangana kangcono kulesi siwombe. IChiefs ibisimkhiphile uLebohang Maboe noMfundo Vilakazi, izindawo zabo zathathwa nguMduduzi Shabalala noThulani Mabaso ngokwahlukana.

Yize umqeqeshi, uKhalil Ben Youssef, ebese ezenzile lezi zinguquko kodwa iZESCO bekuselokhu kuyiyona ebukeka sengathi izolinganisa kwaze kwaba umdlalo uyaphela.