Ezemidlalo Ibhola

AmaZulu anombele ngeGalaxy kwi-log yePremiership

Zakhele Xaba|Published

ABADLALI baMaZulu uThandolwenkosi Ngwenya, Mlondi Mbanjwa noLangelihle Mhlongo bejabulela elinye lamagoli ngesikhathi bebhekene neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UHLABEKE umxhwele umqeqeshi waMaZulu, u-Arthur Zwane, kuphumelela iqhinga abelibophele iTS Galaxy abayehlule emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama.

AmaZulu anqobe ngo 3-2 kulo mdlalo oshiye esiwombeni sesibili. Amagoli ashaywe nguThandolwethu Ngwenya amabili noMlondi Mbanjwa esiwombeni sesibili. AweGalaxy abekwe enethini nguVictor Letsoalo noJunior Zindonga.

Ngalo mphumela, Usuthu lunyukele endaweni yesine kwi-log yePremiership, lweqa iSekhukhune United edlale ngokulingana ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

"Besidinga ukubafakela ingcindezi. Badlalile phakathi nesonto, ngakho besazi ukuthi umfutho wabo uzokwehla. Bekudingeka sibafake ingcindezi, sibaphoqe ukuthi benze amaphutha. Esiwombeni sokuqala sibaphuce ibhola kaningi kodwa asikusebenzisanga lokho. Iqhinga belilihle, sibalindile. Besazi ukuthi uma ubanika isikhathi nesikhala ikakhulukazi eduze nebhokisi, bazokwazi ukuxhumana bashaye igoli. Ngakho bekufanele sikuvale lokho, sibazume uma bekade behlasela. Esiwombeni sokuqala kusebenzile kodwa besizenzela phansi," kusho uZwane.

Ukufuna kukaZwane ukuwina lo mdlalo kubonakale emuva kokuthi abafana bakhe beshaye igoli lesibili lokulinganisa. Ubonakale ebahebeza besajabula, efuna beyoqhubeka nomdlalo.

"Bengihlala ngisho ukuthi lo mdlalo sizowuwina, noma ngabe sekusele isikhathi esingakanani, sizolithola igoli lokuwina. Umphumela omubi ebesingawuthola namuhla bekungaba wukucazelana ngamaphuzu kodwa bengingeke nganele ngalokho. Kufanele ngincome abadlali bonke, nakuba singenelwe ngamagoli alula. Iyona kuphela indlela esingafunda ngayo. Kungokokuqala kule sizini siwina umdlalo sikade silandela ngemuva. Lokhu kuzokwengeza ukuzethemba eqenjini futhi ngiyathemba ukuthi lokhu kuzosisa phambili,'' usho kanje uZwane.

Emdlalweni olandelayo wePremiership, AmaZulu azovakashela iMarumo Gallants eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ntambama.

Imiphumela yemidlalo yeBetway Premiership

Orbit College 0-1 Chippa United; Sekhukhune United 0-0 Orlando Pirates; Richards Bay 1-1 Siwelele; AmaZulu 3-2 TS Galaxy; Durban City v Polokwane City