ABALANDELI beMamelodi Sundowns eKing Zwelithini Stadium eMlaza kule sizini
Image: BACKPAGEPIX
INSEPHE eyadla izicoco zeligi ezine neMamelodi Sundowns, uSibusiso “Villa” Vilakazi, inxenxe abalandeli baleli qembu laseChloorkop ukuba bashintshe ukuqalaza ngokuhambela imidlalo yasekhaya kwazise le sizini ingase icaciswe yizinto ezincane njengalezo.
Nakuba iSundowns ibuye ngewini emaholidini kaKhisimusi kodwa ayehli kahle uVilakazi indaba yokugqoza kwabalandeli emidlalweni yeSundowns yasekhaya.
Lo mdlali osewawagaxa emgibeni amakhokho, ubekhuluma kwi-podcast yeSundowns eyaziwa ngele-Pitch Side lapho eveze khona ukubaluleka kwabalandeli enkundleni ikakhulukazi kule sizini ekhombisa izimpawu zokuthi kuzoliwa kuze kube wusuku lokugcina (Meyi 23).
UVilla ufisa abalandeli beSundowns basike iphethini kwabezimbangi zaleli qembu eziyigcwalisa ngisho ekuhambeni inkundla.
Kumasizini amathathu adlule i-Orlando Pirates isikhuphule kakhulu isibalo sabalandeli abahambela imidlalo ekhaya nasekuhambeni kanti iKaizer Chiefs iyaziwa ngokuthi kufana nokuthi isekhaya ngisho ngabe idlalela kuphi eNingizimu Afrika.
UVilakazi owake waqokwa njenge-PSL Footballer of the Season eminyakeni edlule, ufongqe isigqoko kule podcast encenga abalandeli beSundowns ngokuzijwayeza ukuhambela imidlalo.
“Lesi yisikhathi lapho abalandeli beSundowns kufanele bazijwayeze ukuphuma ngobuningi babo ngoba le sizini ibukeka sengathi ngeke ifane namanye,” kusho uVilakazi.
“Iqembu libadinga nakakhulu abalandeli ukulisiza liguqule ukudlala ngokulingana kube ngamawini. Ngenxa yokuphushwa ngabalandeli imidlalo okufanele iqembu lishaywe kuyona ligcina licazelana ngamaphuzu kuyona okuyinto edingekayo kule sizini.
“Ukudlala kahle kweqembu akwanele uma bebukwa yizihlalo. Ngiyacela kubalandeli beSundowns ukuba bazijwayeze ukuphuma njengoba isizini isingena kuvuthondaba."
Nowayengukaputeni weSundowns ngesikhathi iwina iCaf Champions League, uHlompho Kekana, useke wayisho le ndaba kule podcast.
“Kuyaphoxa kuwona wonke umuntu oxhumene neSundowns ukuthi ibhola laseMzansi sesilibuse iminyaka kodwa namanje inkundla igcwala uma kuyimidlalo ethile,” kusho uKekana.
Laba bakhuluma kanjena nje nomengameli weSundowns, uTlhopie Motsepe, ubeshumayela lona leli vangeli ngaphambi kokuqala kwesizini.
“Ukuba yiqembu elikhulu akukalwa ngezicoco ozidla minyaka yonke kepha kuyabhekwa nokuthi bangakanani abalandeli balo,” kusho uMotsepe nyakenye.