UMDLALI omusha waMaZulu FC uLuyolo Slatsha okitazwa wukusebenza no-Arthur Zwane
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UKUHLELEKA kwendlela yokwenza izinto nokusebenza ngaphansi kwesandla somqeqeshi onomlando wokukholelwa kubadlali abancane ngokweminyaka kube ngezinye zezinongo ezihehe uLuyolo Slatsha ukuba aqome AmaZulu FC.
USlatsha (22) osuka kwiCape Town City, ngomunye wabadlali abafike kuMaZulu njengoba kuvuleke iwindi lokushintsha ngabadlali.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu lapho Usuthu belulungisela khona ukwamukela i-TS Galaxy kwiBetway Premiership ngeSonto, lo mdlali ukhombise okukhulu ukuzethemba ngazofika nakho kuleli qembu.
“Angiqali ukufika kuMaZulu, ngakho-ke bengilokhu ngiwazi ukuthi angelinye lamaqembu aphethwe ngendlela ehlelekile yingakho kungazange kubenzima ukukhetha wona,” kusho uSlatsha.
“Nethuba lokusebenza nomqeqesi onomlando kaZwane nabadlali abasebancane ngokweminyaka kube nomthelela ekutheni ngisayine kuleli qembu.
“Angingabazi ukuthi ibhola lami lizokhula ngaphansi kukaZwane kodwa futhi ngiyaqonda ukuthi nami kufanele ngiyikhathule ngokugcwele indima yami ukuze kuzobalula nakuyena ukungisiza.
“Iqembu libunjwe ngesipiliyoni nenjejane ngakho-ke amathuba okusonga isizini kukhona okuthile esikufake ekhabetheni akhona futhi lokho kuyobe kusho isizini eyimpumelelo kuMaZulu.
“Njengabo bonke abadlali, nami nginesifiso sokudlalela iqembu lami lesizwe kodwa futhi ngiyaqonda ukuthi kufanele ngiqale ngigqame kuMaZulu ukuze lelo phupho lzoba yimpumelelo."
Mayelana noSlatsha, uZwane uthe: “Nakuba enomzimba omncane kodwa izinto akwazi ukuzenza ngebhola zizoba wolukhulu usizo kithina.”