Ezemidlalo Ibhola

Usazohlala engadlali uSaleng osayiniswe elimele

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns osalimele uMonnapule Saleng.

Image: FACEBOOK / MAMELODI SUNDOWNS

BASAZOLINDA isikhathi esilinganiselwa enyangeni noma ezimbili abalandeli beMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi babone umdlali wabo omusha, uMonnapule Saleng, enkundleni ngenxa yokuthi usalimele.

Lo mdlali osanda kujoyina amaBrazilian esuka kwi-Orlando Pirates ubebolekiswe kwi-Orbit FC kusukela ekuqaleni kwesizini ka-2025/26.

Uveze ukuthi waqala ukuzwa ubuhlungu emsipheni osethangeni bebhekene neMagesi FC ngoNovemba 1 nyakenye kodwa waqhubeka nokudlala.

Ubuhlungu buye ngokuya bukhula waze wakhishwa bedlala neStellenbosch FC ngoNovemba 25.

Konke usekubeke ezandleni zethimba lodokotela baMaSandawana ukuthi bambuyisele enkundleni ngokushesha.

“Ukusayiniswa yiSundowns ngilimele kuwuphawu nenkolelo yokuthi izokwazi ukungelapha futhi ingisize ngibuyele enkundleni,” kusho uSaleng ekhuluma ohlelweni iPitchside Podcast ekhasini leSundowns kwiYouTube.

“Ngibonga uNkulunkulu ngaleli thuba nakho konke angenzele khona. Unginike elinye ithuba lokudlalela iqembu elikhulu ngemuva kwakho konke esengihlangabezane nakho. Ngijabule ngokuba lapha kwiSundowns futhi wonke umuntu ungamukele kahle.”

USaleng uthe uyayiqonda ingcindezi ehambisana nokujoyina elinye lamaqembu ahamba phambili eNingizimu Afrika nokuthi kuzomele azikhandle ukuze athole ithuba lokudlala uma eseluleme.

 “Ingcindezi iyohlale ikhona, iSundowns iyiqembu elikhulu, kulindelwe ukuthi ngilethe umehluko. Abantu bahlaziya indlela engidlala ngayo ngezindlela ezingafani futhi uma bengigxeka kufanele ngiqine ngokomqondo, ngingavumeli ukuthi lokho kungiphazamise,” uqhube kanje.

“Ngiyakuthanda ukulwela ijezi ngoba yikhona okucacisa ukuthi ukuliphi izinga. Emaqenjini amakhulu kukhona abadlali abahle futhi kumele uyilwele indawo yakho. NakwiPirates kwakunabadlali abasezingeni eliphezulu, kwadingeka ngilinde ithuba lami, ngagcina ngilitholile.

“Okwami ukusebenza ngokuzikhandla ukuze umqeqeshi angiqoke. Ngeke ngivele ngidlaliswe kalula ngenxa yokuthi ngike ngadlala kwiPirates.”

Lokhu kusho ukuthi uSaleng uzobe engekho enkundleni uma iSundowns isidlala umdlalo wayo olandelayo weBetway Premiership neqembu lakhe lakudala i-Orbit FC eLoftus Versfeld ngoMsombuluko ngo-7.30 ebusuku.