Ezemidlalo Ibhola

UMbokazi noDithejane behlelwe esikaMasinga noRhoo

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMBEKEZELI Mbokazi okulindeleke ukuthi afike noma inini kwiChicago Fire FC yase-USA

Image: CFFC/FACEBOOK

INHLOKO yabaqeqeshi ephinde ibe ngusomaqhinga kwiChicago Fire FC, uGregg Berhalter, iphumele obala ngobekusolwa ngabathandi bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ngesinqumo saleli qembu lase-United States of America (USA) sokwengeza ngoPuso Dithejane kuMbekezeli “TLB” Mbokazi.

IChicago edlala kwiMajor Soccer League (MLS) okuyisigaba esikhulu sebhola lase-USA, isayinise uMbokazi obedlala kwi-Orlando Pirates ngoDisemba. Kuleli sonto yengeze ngoDithejane obelihlikihla kwiTS Galaxy.

Ekhuluma nethimba lezindaba leChicago ngakulindele kulaba badlali, uBerhalter uqinisekise obekuvele kusolwa ngabathandi bebhola bakuleli okuwukuthi uDithejane ulandelwe ukuzosiza uMbokazi ajwayele e-USA.

“Okuseqhukwini wukuthi sisayinise abadlali abancane kodwa abakhombisa izimpawu zokuthi banekusasa eliqhakazile uma bezocijwa ngendlela efanele,” kusho uBerhalter.

“Kuliqiniso ukuthi esinye sezizathu zokulanda uDithejane wukuthi uMbokazi ajwayele kalula konke okuzobe kukusha kuyena kwazise uzobe ekude nasekhaya.

“Okungeke kushintshe wukuthi sibona abadlali ababili abanekusasa kodwa sasebenzisa nethuba lokuthi bafike kanyekanye ukuze nakho konke okufanele bakujwayele babambisane kukona kwazise bakhuluma nolimi olulodwa."

Ukusayiniswa komdlali "nomakotshana" akuqali ukwenzeka eNingizimu Afrika. Ngo-1994, iLeeds United yase-England yafika kuleli izothenga umgadli uPhilemon Masinga owayedlalela iMamelodi Sundowns kodwa yagcina ithathe noLucas Radebe owayesemabhukwini eKaizer Chiefs. Inhloso yokuthatha uRadebe kwakuwukuthi asize uMasinga ajwayele impilo entsha enomuntu amaziyo. Sekuwumlando ukuthi uRadebe wagcina ehlala iminyaka kwiLeeds. 

“Sibona abadlali abanethalente eliyisimanga nabazofika babe wusizo eqenjini. Kuyibhonasi ukuthi basuka ezweni elilodwa kodwa sibalandele ibhola elihle abalidlalayo, hhayi okunye.

“Asisakwazi ukulinda ukuthi bafike ukuze sizoqala umsebenzi wokubajwayeza iligi okuzosiza uMbokazi ukuthi kuqale namalungiselelo akhe eNdebe yoMhlaba,” kusho uBerhalter.

ULUCAS Radebe (kwesokunxele) noPhil Masinga (kwesokudla) ngesikhathi bethulwa yiLeeds United ngo-1994.

Image: FACEBOOK