Ezemidlalo Ibhola

USaleng angase ahambe ezinyathelweni zezinkakha

Xolile Mpisane|Published

U-GIFT Leremi ogasekho owamangaza iningi esuka kwi-Orlando Pirates eyojoyina iMamelodi Sundowns.

Image: BACKPAGEPIX

UKUHWEBELANA ngabadlali kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kuyivelakancane ngenxa yobumbangi bala maqembu osebukhule kakhulu eminyakeni edlule. 

Yilokho okuholele ekutheni iningi labalandeli libambe ongezansi ngoLwesihlanu, ngesikhathi amaBrazilians ememezela ukuthi asesayinise lo mdlali obesemabhukwini eZimnyama kodwa ebolekiswe kwi-Orbit College FC kusukela ekuqaleni kwale sizini.

Uma kwenzekile amaqembu ayizimbangi adayiselana abadlali kuyaye kuqubuke impikiswano ngokwethembeka kwabo kodwa umlando ukhombisa ukuthi ngezikhathi ezithile bakhona abadlali abathatha leli gxathu elingajwayelekile.

Eminyakeni edlule bakhona abadlali asebehambe uhambo oluthi alufane nolukaSaleng, bashiya iqembu lase-Orlando bayojoyina elaseMamelodi.

Gift ‘Vum Vum” Leremi

ULeremi wayengomunye wabadlali abangaconsi phansi eNingizimu Afrika jikelele ngeminyaka yawo-2000. Lo mdlali owazalelwa ePimville, eSoweto, waqala kwinkulisa yePirates, wadlulela eqenjini elikhulu ngesizini ka-2002/2003. 

Wayeyingxenye yeqembu elanqoba isicoco seligi ngaleyo sizini futhi wagqama ngenxa yesivinini sakhe, umjiko, ukuphasa nekhono lokukhahlela ngazo zombili izinyawo. 

Wadlalela amaqembu esizwe amancane waze wakhushulelwa kwelikhulu. Wasayiniswa yiSundowns ekuqaleni kwesizini ka-2007 kodwa wadlala imidlalo embalwa kuyona ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni engozini yemoto ngoSepthemba ka-2007.

KWAMSEBENZELA uTeko Modise ukufulathela i-Orlando Pirates ayodlalela iMamelodi Sundowns.

Image: BACKPAGEPIX

Lebohang “Cheeseboy” Mokoena

UMokoena waqala ukudlala ibhola emigwaqweni yaseDiepkloof, eSoweto, ngaphambi kokuthathwa yiqembu elincane lePirates. 

Wadlalela iqembu elikhulu lezikaMagebhula okokuqala ngesizini ka-2003/04, kwathi ngokuhamba kweminyaka wakhula waba ngomunye wabadlali ababethandwa kakhulu kuleli qembu.

Lo mdlali owayedume ngokusebenzisa ijubane ezinhlangothini, washiya eZimnyama wasayina kwiSundowns ngo-2009. Wahlala isikhathi eside kuleli qembu lasePitoli, wanqoba izicoco zeligi ezimbili nalo, ngaphambi kokudlulela kwi-Ajax Cape Town ngo-2016.

Teko “Navigator” Modise

UTeko Modise othathwa njengomunye wabadlali basesiswini abahamba phambili emlandweni wePremier Soccer League, wajoyina iPirates ngo 2007 esuka kwiSuperSport United. 

Nakuba enganqobanga zicoco namaBhakabhaka kodwa indlela ayelihlanganisa ngalo iqembu esiswini yamenza waqokwa njengomdlali ovelele kuleli amasizini amabili elandelana. 

NgoJanuwari ka-2011, wayishiya iPirates wajoyina amaSandawana. Kuleli qembu wafike wanqoba inqwaba yezicoco, okuhlanganisa neseCaf Champions League ngo-2016, ngaphambi kokudlulela kwiCape Town City ngonyaka olandelayo.

U-OUPA MANYISA owagqama kakhulu kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokusayina kwiMamelodi Sundowns.

Image: BACKPAGEPIX

Oupa “Ace” Manyisa

UManyisa owazalelwa eMohlakeng, eGoli, ngomunye wabadlali ababeyingxenye yeqembu lePirates elawola izicoco ngesikhathi linqoba ezintathu ngesizini ka-2010/2011, laphinde lenza okufanayo nakweka-2011/2012.

Indlela ababebambisene no-Andile Jali enkabeni yesisu yabenza abadlali abamqoka naseqenjini lesizwe, iBafana bafana. 

Wajoyina iSundowns ngo-2017, wanqoba ezinye izicoco naleli qembu, nakuba engabange esabuyela ezingeni ayekulona kwiPirates eminyakeni emithathu ayidlala eqenjini laseMamelodi.

Thembinkosi “Nyoso” Lorch

Lo mdlali odabuka eFree State wasayiniswa yiPirates ngo-2015, imthatha eqenjini elalidlala emazingeni aphansi, iMaluti FET College. 

Wanqoba izicoco zomkhumulajezi naleli qembu waphinde waqokwa njengomdlali ovelele kuleli.

Wahlala isikhathi eside kweZimnyama ngaphambi kokuthi asayiniswe yiSundowns ngo-Januwari ka-2024, anqobe nayo isicoco seligi.

Nokho ufike kuleli qembu wangazinza kahle, wabolekiswa kwelaseMorocco, iWydad Athletic, ngoJanuwari ka-2024, lagcina limsayinise ngokugcwele ngaphambi kokuqala kwale sizini.

USEDLALELA iqembu laseMorocco, iWyadad Athletic, uThembinkosi Lorch owasuka kwi-Orlando Pirates waya kwiMamelodi Sundowns ngo-2024.

Image: BACKPAGEPIX