UMGADLI omusha we-Orlando Pirates u-Andre de Jong esadlala kwiStellenbosch FC
Image: SIGCINIWE
UMDLALI omusha we-Orlando Pirates, u-Andre De Jong, uqome leli qembu laseSoweto ngenhloso yokukhuphula amathuba akhe okuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba eseMexico, Canada nase-United States of America (USA) ezinyangeni ezinhlanu.
Kusukela uDe Jong (29) waqala ukubizelwa eqenjini lakhe lesizwe iNew Zealand ngo-2018. Usedlale imidlalo ayishumi, washaya amagoli amabili. Njengoba ama-All Whites ezodlala iNdebe yoMhlaba ngoJuni, unetshisekelo yokuthola indawo esikimini sawo.
UDe Jong owafika eNingizimu Afrika ezodlalela AmaZulu FC ngo-2019, usayine kwiPirates njengoba kuvuleke iwindi lokushintsha ngabadlali esuka kwiStellenbosch FC abese ehlale kuyona amasizini amathathu.
Ngesikhathi ekhuluma okokuqala nethimba labezindaba lePirates, uveze injabulo yakhe ngokusayina kwelinye lamaqembu athathwa njengaphambili e-Afrika.
“Ukusayina kwami kwiPirates kuncike ekukhuliseni amathuba okungasali endizeni ebheke kwiNdebe yoMhlaba kwazise sengiqalile ngiyabizwa esikwatini,” kusho uDe Jong.
“Akukho okungixoshe kwiStellenbosch ngaphandle kwethuba engilibonile lokuba yingxenye yeqembu elaziwa umhlaba wonke engicabange ukuthi amathuba ami eNdebe yoMhlaba azokhula uma ngisemabhukwini alo."
INew Zealand iboshelwe ku-Group G weNdebe yoMhlaba lapho iqhathwe khona ne-Egypt, Belgium ne-Iran.