USIPHIWE Tshabalala waseNingizimu Afrika omenywe ukuba azolihlikihla nezinkaha zomhlaba ngempelaspnto eMexico
Image: BACKPAGEPIX
ISILOMO somdlali waseNingizimu Afrika osewawabeka ethala amakhokho, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, simenywe ukuyolihlikihla nezihlabani zomhlaba okubalwa kuzona uXavi waseSpain, Cafu waseBrazil no-Alessandro Del Piero wase-Italy, emdlalweni wezinkakha zomhlaba eMexico ngempelasonto.
UShabalala owashaya igoli lokuvula iNdebe yoMhlaba ka-2010, eyayiseNingizimu Afrika, lapho iBafana Bafana yabambana khona neMexico ngo 1-1, uzobe esesikimini sezinkahkha emdlalweni wobungani eMonterray, eMexico, ngoMgqibelo.
Lo mdlali owayengaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs neBafana eminyakeni edlule, umenywe emdlalweni wezinkakha zomhlaba wokugqugquzela abantu baseMexico ngobumqoka nokuhambela imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
Umdlalo wokuqala weNdebe yoMhlaba ka-2026, uzoba seMexico City, e-Azteca Stadium. Kuzodudulana iBafana nosokhaya iMexico ngoJuni 11.
Lo mdlalo wobungani wezinkakha, uShabalala azobe edlala kuwona noSergio Busquets noCarles Puyol bodumo kwiFC Barcelona neSpain, uzoba seMonterray okungelinye lamadolobha okuzodlalelwa kuwona iNdebe yoMhlaba.
Kwabanye abadlali bomhlaba abazobe beleqa noShabba kulo mdlalo, singabala izinkakha zase-Italy uFrancesco Toti noDel Piero, Dida noCafu baseBrazil, Wesley Sneidjer waseNetherlands, noPepe wasePortugal.
Umqeqeshi weqembu okuzobe kudlala kulona uShabalala kuzoba nguFabio Capello onomlando wokuqeqesha i-Italy ne-England eminyakeni edlule.