UPUSO Dithejane we-TS Galaxy ongomunye wabadlali okukhulunywa ngokuvutha kwabo kusukela kuqala iBetway Premiership ka-2025/2026
Image: SIGCINIWE
USIHLALO we-TS Galaxy, uTim Sukazi, ulinde iKaizer Chiefs ukuthi imqonde, hhayi ukuhamba ngasese uma izimisele ngokubuyisa uPuso Dithejane owayengumdlali wayo eyamxosha eminyakeni edlule.
UDithejane owakhuliswa yiChiefs, ngomunye wabadlali abavutha amalangabi kusukela kuqale isizini ka-2025/2026 yeBetway Premiership. Lo mdlali wakhonjwa indlela kwiChiefs kanye no-Omega Mdaka osekwiStellenbosch FC ibasola ngokunqaba ukuba ngama-ball boy emdlalweni weCarling Knockout kumasizini adlule besadlala kwiDStv Diski Challenge.
Ngesikhathi uSukazi ekhuluma kwiKwekwezi FM ngempelasonto, uveze ukuthi iChiefs iyameshela lo mdlali kodwa ayihambi ngemigudu efanele.
Nakuba uSukazi ekhuluma ngale ndlela kodwa kunamahlebezi asabalele amkhomba kwiSundowns.
“Kade nginaye muva nje uDithejane wangikhombisa ukuthi izikhulu zeChiefs uKaizer (Motaung Jnr) noTera (Maliwa) zimfonela mihla namalanga kodwa angalubambi ucingo,” kusho uSukazi.
“Sengike ngathola ngisho ucingo oluvela kubaba womdlali engazisa ukuthi naye iChiefs imfonela cishe nsukuzonke izama ukuthi ayincengele lo mdlali.
“Okusobala wukuthi iChiefs iyamfuna uDithejane kwazise ukhulele kuyona kodwa imigudu ehamba ngayo angiyiboni iyisiza. Thina sivule izandla emaqenjini afuna ukukhuluma nathi ngabadlali bethu.
“Nakuba kuyicala kodwa kwiGalaxy asinankinga uma iqembu libona ukuthi lingaba nenhlanhla uma lizikhulumela ngqo nomdlali.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi uDithejane ungumdlali weGalaxy okwamanje kodwa noma ngubani okuhlanganisa neChiefs ofuna ukukhuluma nathi ngaye kasinankinga yokuhlala naye phansi sizwe ukuthi usibekelani phezu kwetafula."
Lesi sikhulu sikhuluma kanjena nje, nesitobha sakhe uKhulumani Ndamane ebesihambe neBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo eMorocco, kuthiwa sisendleleni ebheke eChloorkop. Ngaphambi kokuqala kwesizini, bekunezinkulumo zokuthi uNdamane usayinile kwiSundowns kodwa yambolekisa kwiGalaxy.