Ezemidlalo Ibhola

UBroos uzoziba ‘umsangano’ agxile ekulungiseni iBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos othembise ukunaka iqembu lakhe hhayi okunye

Image: BACKPAGEPIX

ESIKHUNDLENI sokunaka ‘osiyazi’ abakhuluma beqhethe kosofa, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos wethembise ukulungisa amaphutha enziwe yiqembu lakhe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenhloso yokufika kwiNdebe yoMhlaba selibuyele esimeni.

IBafana ibuyele eNingizimu Afrika maphakathi nesonto kulandela ukuwashiswa kwayo ijezi yiCameroon ngo 2-1 kwi-last 16 ye-Afcon eqhubeka emadolobheni ahlukene eMorocco.

Nakuba bekumuncu ngesikhathi idlanzana labalandeli nemindeni yabadlali liyohlangabeza iBafana esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International kodwa uBroos ubekhombisa izimpawu zokukulungela ukuphendula ngalaba abamgxekayo.

IBafana ihambe kuleli ithwelwe ngeqoma ukuthi izobuya nomphumela ongcono kunendondo yethusi eyabuya nayo kwi-Afcon yase-Ivory Coast ngo-2023.

Ukuphuma kwayo ekuseni kwethusile kubalandeli bayo kwazise iqale lo mqhudelwano inerekhodi lokungehlulwa emidlalweni engu-26.

Sekungumlando ukuthi iBafana ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwi-Egypt emidlalweni yamaqoqo njengoba isiwashiswa ijezi yiCameroon ngo 2-1.

Kunabalandeli abasola uBroos ngokunaka kakhulu ukukhonka emuva esikhundleni sokuhlasela kwiCameroon.

Ngesikhathi lo mqeqeshi waseBelgium ebuzwa ngempendulo kulezi zinsolo uthe, ngeke awunake ‘umsangano’ wabantu abakhuluma becashe ngezinkundla zokuxhumana.

“Siyakwazi okufanele sikwenze njengokucubungula kahle umqhudelwano waseMorocco sibone lapho singalungisa khona ngoba sonke sikholelwa ekutheni besingenza kangcono,” kusho uBroos kwabezindaba.

“Engingeke ngizixake ngakho wukunaka abantu abakhuluma beqhethe kosofa bengazazi izinto esibhekana nazo. Ngiyalazi iqembu lami futhi ngizothola ukuthi kubhimbe kuphi eMorocco.

“Kasinaso isikhathi sokunaka abantu abanemilomo emikhulu ngoba iNdebe yoMhlaba isiseMome,” kusho uBroos.

IBafana iqhathwe neMexico kowokuvula iNdebe yoMhlaba ezoqala ngoJuni 11 eMexico, Canada nase-United States of America (USA).

Imidlalo yama-quarterfinal ye-Afcon namuhla imi kanje:

Algeria v Nigeria (Marrakech Stadium, 6pm)

Egypt v Ivory Coast (Agadir Stadium, 9pm)