IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung.
Image: BACKPAGEPIX
UBONA kungalibuyisela emuva iqembu ukwenza izinguquko eziningi oyimenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung.
NgoLwesithathu, leli qembu beligubha iminyaka engu-56 lasungulwa kodwa into ayigcizelele kakhulu uMotaung wukuthi akufanele bathathe izinqumo ngokuxhamazela njengoba bebheke ukubuyisela leli qembu ekubeni elihamba phambili kuleli.
Eminyakeni edlule izicoco zomkhumulajezi eziningi ziwolwe yizimbangi zaMakhosi, i-Orlando Pirates, kwathi ezeligi zaqoqwa yiMamelodi Sundowns.
Kule sizini iChiefs isekhona embangweni wesicoco seligi kwazise kuyiwe ekhefini le-Africa Cup of Nations isendaweni yesine kwi-log yeBetway Premiership futhi isele ngamaphuzu amane eqenjini elizihola phambili, iPirates.
Indlela Amakhosi alahle ngawo amaphuzu emidlalweni yokugcina yeligi neyeCaf Confederation Cup ngaphambi kwekhefu, iholele ekutheni kube nabalandeli abafisa ukuthi badedelwe abaqeqesha leli qembu ngokubambisana, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.
Nokho, uMotaung uthe ngeke babhidlize lokhu asebekwakhile selokhu kuqale isizini.
“Asifuni ukuphazamisa iqembu ngokuletha umqeqeshi omusha ozofike afune ukwenza izinto ngendlela ehlukile kulokhu esikwenzayo. Abaqeqeshi bafuna ukwenza izinto zabo, bafike nethimba labo,” kusho uMotaung.
“Lezi zinsizwa ezimbili bezikhona eqenjini kusukela ekuqaleni futhi sakhela phezu kwalokho. Sifuna inqubekelaphambili futhi ngikholwa wukuthi kuyabonakala ukuthi iqembu liyathuthuka.”
Njengoba livuliwe iwindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali, uMotaung uthe bazoqalaza kodwa ababhekile ukulishintsha kakhulu iqembu.
Amakhosi asengenile emakethe kule sizini esayinisa abadlali okubalwa kubona uNkanyiso Shinga, Etiosa Ighodaro, Thabiso Monyane, Paseka Mako, Lebohang Maboe, Ethan Chislett, Asanele Velebayi, Luke Baartman, Siphesihle Ndlovu, Flávio Silva noKhanyisa Mayo.
Abanye babo bawenzile umehluko kanti abanye abakabonakali ngenxa yezizathu ezahlukene.
“Ngeke sale uma kuqhamuka umdlali okhethekile. Uma kwenzeka lokho sizosibheka isimo,” uqhube kanje uMotaung.
"Sigculisekile ngesikwati esinaso ngoba sike salinyalelwa abadlali kodwa sebeyabuya. Sisayinise abadlali abaningi ekuqaleni kwesizini futhi abanye babo abakadlali.
“Akulula ukujoyina iChiefs yingakho abanye abadlali kubathatha isikhathi ukuthi bazinze. Kufanele bajwayele iqembu ukuze konke kuhambe kahle. Asifuni ukushintshashintsha isikwati.”
Amakhosi azobuyela enkundleni ngoJanuwari 20, eyobhekana neLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership eFNB Stadium.
Related Topics: