Ezemidlalo Ibhola

Izinguquko kweleSharks elizodlala phesheya

Xolile Mpisane|Published

USIYA Masuku uzoqala kwi-flyhalf koweHollywoodbets Sharks neSale Sharks.

Image: BACKPAGEPIX

UKHOLWA wukuthi iqembu lizokwazi ukuvuka ekuhambeni uma selibhekene neSale Sharks kowe-European Champions Cup namuhla yize lenze izinguquko umdlali weHollywoodbets Sharks uNick Hatton.

Lo mdlalo uzoqala ngo-7.30 ebusuku eCorpAcq Stadium, eManchester.

UHatton uyena ozohola iqembu kwazise iningi labadlali abanamava nabadlalela iqembu esizwe baphunyuziwe.

ISharks yaseThekwini ibheke ukuvuka njengoba igcine inqotshwe yiLions ekhaya kowakamuva we-United Rugby Championship.

Ivule ngemiphumela exubile kweyamaqoqo yeChampions Cup lapho iguqiswe khona yiToulouse yaseFrance, yahlula iSaracens yase-England.

"Yinselelo esiyithokozelayo siyiqembu. Siyawuhlonipha lo mqhudelwano futhi sikholwa wukuthi singenza kahle kuwona," kusho uHatton.

"Siyazi kuzoba nzima ukuhlula iqembu elifana neSale enkundleni yalo. Phezu kwalokho sizobe sibhekene nesimo sezulu esihlukile njengoba kubanda e-England.

"Sifunde isifundo ngesikhathi sinqotshwa yiLions umdlalo usuyophela ngakho-ke sifuna ukugwema ukwenza iphutha elifanayo kulo mdlalo."

Yize iqembu likaJP Pietersen liphumuze inqwaba yabadlali bamaBhokobhoko kodwa kubuye owaphambili uVincent Koch obelimele.

Abadlali abasebancane okubalwa kubona u-Eduan Swart, Mawande Mdanda, Jurenzo Julius nabanye bazothola ithuba lokukhombisa ukuthi bakulungele kangakanani ukudlala kuleli zinga.

Iqembu leHollywoodbets Sharks elizobhekana neSale Sharks

Abazoqala:15 Hakeem Kunene, 14 Yaw Penxe, 13 Francois Venter, 12 Jurenzo Julius, 11 Le Roux Malan, 10 Siya Masuku, 9 Ross Braude, 8 Nick Hatton (ukaputeni), 7 Emmanuel Tshituka, 6 Tinotenda Mavesere, 5 Emile van Heerden, 4 Corne Rahl, 3 Vincent Koch, 2 Eduan Swart, 1 Lee-Marvin Mazibuko.

Abasebhentshini:16 Ethan Bester, 17 Phatu Ganyane, 18 Mawande Mdanda, 19 Vincent Tshituka, 20 Matt Romao, 21 Ceano Everson, 22 Jean Smith, 23 Marnus Potgieter