Ezemidlalo Ibhola

ISenegal neMorocco sebelinde kweyandulela owamanqamu kwi-Afcon

Xolile Mpisane|Published

BASASHOSHOLOZA osokhaya iMorocco kwi-Africa Cup of Nations njengoba benqobe iCameroon ngo 2-0 kuma-quarterfinal.

Image: BACKPAGEPIX

AMAZWE amabili, iSenegal neMorocco, asezibekisele indawo emidlalweni eyandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations eqhubekayo eMorocco kulandela ukuphothulwa kwemidlalo yokuqala yama-quarterfinal ngoLwesihlanu.

ISenegal ibe yizwe lokuqala ukudlulela phambili ngokunqoba iMali ngo 1-0 eTangier. Igoli lokubika kulo mdlalo lishaywe u-Iliman Ndiaye esiwombeni sokuqala. 

Osokhaya iMorocco bangene kweyandulela owamanqamu ngokuqumba phansi iCameroon ngo 2-0 eRabat.

UBrahim Diaz uyibeke phambili iMorocco esiwombeni sokuqala, eshaya igoli lakhe lesihlanu emidlalweni elinganayo kulo mqhudelwano.

I-Indomitable Lions izamile ukuzibuyisela emdlalweni ngesiwombe sesibili kodwa imizamo yayo yashabalala ngesikhathi u-Ismael Saibari eshayela i-Atlas Lions igoli lesibili, kwachwaza inkundla.

IMorocco izobhekana nozonqoba phakathi kwe-Algeria neNigeria emzuliswaneni olandelayo, kanti iSenegal ilindele iqembu elizodlula phakathi kwe-Egypt ne-Ivory Coast.

I-Algeria neNigeria bazobhekana eMarrakech ngo-6 ntambama ngoMgqibelo, i-Egypt ne-Ivory Coast badudulane ngo-9 ebusuku e-Agadir.