Ezemidlalo Ibhola

URhulani ubhadlaze imfihlo ngesilomo sePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

URELEBOHILE Mofokeng we-Orlando Pirates okuvele ukuthi ugaqele inkontileka neqembu lase-Europe

Image: BACKPAGEPIX

UKULANDULA kukaRhulani Mokwena kubalandeli beMC Alger yase-Algeria abamfuna uthuli uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates kufanele kukhumbuze abasondelene naleli qembu laseSoweto, ukuthi kuseduze kangakanani ukuthi bapheshukelwe yilesi silomo somdlali.

UMokwena obeqeda ukunqoba kwiCS Constantine emdlalweni weligi yase-Algeria, obekumbeka esicongweni se-log ngamaphuzu angu-35 emidlalweni engu-14, utshele abezindaba abenesithangami nabo ukuthi nakuba emfuna lo mdlali weBafana Bafana kodwa akubukeki sengathi uzomthola.

Ngokusho kukaMokwena, uyazi ukuthi abalandeli be-Alger abafuni omunye umdlali ngaphandle kukaMofokeng kodwa kuzofanele baxole ngoba lo mdlali akazimisele ngokuzinza e-Afrika uma esuka kwiPirates.

Ukuthola amadlelo aluhlaza kukaMohau Nkota ngaphambi kokuqala kwesizini nokuhamba kukaMbekezeli Mbokazi, kuholele ekutheni iqale phansi inkulumo yokuthi uMofokeng uzolithola nini ithuba lamadlelo aluhlaza?

UNkota ugila izimanga kwi-Al Ettifaq yaseSaudi Arabia njengoba uMbokazi esanda kusayiniswa yiChicago Fire edlala kwiMajor Soccer League (MLS) yase-United States of America (USA), ngezindodla zemali.

Ngaphambi kokuqala kwesizini bekusabalele izindaba zokuthi kukhona amaqembu afuna uMofokeng kodwa iPirates ayiyivumi imali ayibeka etafuleni. Ukwehlelwa kwakhe yifomu ekuqaleni kwesizini kubonwe ngabaningi njengomphumela wokunqatshelwa kwakhe ukushiya iPirates.

“Nginolwazi olugcwele lokuthi abalandeli be-Alger bafuna uMofokeng, hhayi omunye umdlali,” kusho uMokwena kwabezindaba ebhekise kubalandeli baleli qembu eselisidle amahlandla ayisishiyagalolunye isicoco seligi yase-Algeria.

“Indaba kaMofokeng ngikhuluma ngayo ngokukhululeka ngoba nami ngiyamfuna lo mdlali kodwa iqiniso wukuthi lokhu ngeke kwenzeke ngoba izinhlelo zekusasa lakhe azikho e-Afrika.

“Kuyaziwa ukuthi ngihlale ngimtusa kangakanani uMofokeng kodwa ukuthi siyamthola noma cha akuxhumene ngisho nanemali kepha kade ayebekelwa amaqatha etafuleni ewakhahlela ngoba ubheke iqembu lase-Europe.

“Okusemqoka nokwenza ngikhulume ngale ndlela yinhloso yokucacisa ukuthi i-Alger iyakuzama lokhu okufunwa ngabalandeli njengoMofokeng, yikhona nje ukuthi umdlali unezinhlelo ezihlukile."

Njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngeke kwathusa ukubona uMofokeng ethola amadlelo aluhlaza kwazise isinesikhathi ikhulunywa indaba yokufunwa kwakhe.