Ezemidlalo Ibhola

UMofokeng uyazigxeka ngodaka lweBafana kwi-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGURELEBOHILE Mofokeng owuqalile umdlalo weBafana Bafana ngesikhathi ikhishwa yiCameroon kwi-Afcon

Image: BACKPAGEPIX

OMUNYE wabadlali abangaconsi phansi kubathandi bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, uRelebohile Mofokeng, ukwamukele ukuthi ube nesandla ekutheni iBafana Bafana iwashe ijezi esigabeni se-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon).

UMofokeng uqale umdlalo okokuqala kulo mqhudelwnao ngeSonto, kodwa wahluleka ukusiza iBafana egcine ikhale ngaphansi kwiCameroon ngo 2-1 e-Al Medina Stadium, eRabat, eMorocco.

Uthole elinye lamathuba alula umdlalo usanda kuqala kodwa walibeka phezu kwepali. Ngokusho kwalo mdlali othandwa yintsha yaseMzansi, ukube leli goli lingenile ngabe umphumela womdlalo uhluke kakhulu kunalona okugcine ube yikhona.

“Akuvumi ukuthi ngisuse umcabango wokuthi ngilenzele phansi iqembu lami lesizwe ngokuyeka leliya thuba ngoba ukuba ngilibeke enethini ngabe sikhuluma okunye,” kusho uMofokeng kwabezindaba emuva koweCameroon.

“Angizange ngidikibale ngesikhathi kwenzeka ngoba benginethemba lokuthi azoqhamuka amanye amathuba kwazise umdlalo besiwuphethe ngaphambi kokuwudedela thina."

Yize uMofokeng ekhuluma ngale ndlela kodwa umqeqeshi wakhe, uHugo Broos, akazange akhale ngalutho ngasohlangothini lwabadlali bakhe kepha uqome ukubalisa ngebhadi ebelilandele iqembu lakhe kulo mdlalo.

“Okuningi akuhambanga ngendlela yethu kulo mdlalo uma uzokhumbula ukuthi sithole amathuba amahle kanjani ngasekuqaleni komdlalo sangawasebenzisa.

“Igoli leCameroon lokuqala kube yibhadi kade kuyikhona bashayela ipali kodwa ibhola lawela kumdlali obezimele yedwa. Lokhu kube yinhlanhla yabo abafike nayo emdlalweni kanti izoqondana nebhadi lethu.

“Kube yiphutha lethu ukubavumela bashaye igoli lesibili zisanda kubuya ekhefini kodwa ngisho sekungu 2-0, besilokhu siqhubekile nokuzama nokuyinto engishiye ngijabule yize umphumela ubusikhahlelela ngaphandle komqhudelwano.

“Ngeke kwaphikwa ukuthi siphoxekile kodwa futhi kwesinye isikhathi kawubi khona uphawini wokwenza okunye ngaphandle kokwamukela isimo ubuyele ekhaya, uyoqala phansi uhlele,” kusho uBroos osebheke iNdebe yoMhlaba eqala ezinyangeni ezinhlanu.

IBafana izovula iNdebe yoMhlaba ngoJuni 11, ngokubhekana nabanye osokhaya iMexico, eMexico City.