Ezemidlalo Ibhola

UKwayiba nethuba lokuqala kabusha kwiChippa

Xolile Mpisane|Published

I-ORLANDO Pirates imdayisele iqembu eyamthenga kulona uSinoxolo Kwayiba, iChippa United.

Image: BACKPAGEPIX

UKUDAYISWA kukaSinoxolo Kwayiba esahlale izinyanga kwi-Orlando Pirates kuwuphawu lokuthi kwesinye isikhathi ukusayiniswa yiqembu elikhulu kungaba yigxathu eliya phambili kwesinye isikhathi kungahambi ngokohlelo. 

UKwayiba (35) ufike kweZimnyama ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26, esuka kwiChippa United, asebuyele kuyona wasayina inkontileka yeminyaka emithathu.

Wazalelwa eMotherwell ngaseGqeberha, waqala ibhola elikhokhelayo kwiPretoria Callies kwiligi iMotsepe Foundation Championship. Wathathwa yiChilli Boys ngaphambi kwesizini ka-2023/24.

Ikhono lakhe lokuxhumana nozakwabo esiswini, aphinde aye phambili ayoshaya amagoli, limenze wagqama, waze wafakwa eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, elidlale kwiCosafa Cup.

Ufike kwiPirates kubhekwe ukuthi uzokhuphukela kwelinye izinga kodwa kwaba nzima ukuthi athole ijezi ngenxa yokuthi ubelibanga nabadlali okubalwa kubona uPatrick Maswanganyi, Sipho Mbule, Relebohile Mofokeng, Oswin Appollis noKabelo Dlamini, nabo abadume ngokuphakela ozakwabo ibhola.

Njengoba iPirates imemezele kuleli sonto ukuthi isayinise u-Andre de Jong obedlalela iStellenbosch FC, naye odlala ngendlela ecishe ifane, kusheshe kwacaca ukuthi kukhona abazogawulwa yizembe ukuze athole indawo.

UKwayiba udlale imidlalo emine kuphela kwezikaMagebhula, wahlanganisa imizuzu engu-48, nokufakazela ukuthi emaqenjini amakhulu kuyenzeka ungasitholi isikhathi eside sokuzibonakalisa.

IPirates isinqobe izicoco ezimbili, iMTN8 neCarling Knockout, kanti isembangweni wokuqoba isicoco seligi okokuqala kusukela ngo-2012.

Lokhu kuchaza ukuthi idinga abadlali abasezingeni elithi alifane ukuze ingawulahli umgqigqo wayo kuze kuphele isizini.

Ukubuyela kukaKwayiba kwiChippa akumele kuthathwe njengokuthhi sekuphelile ngaye kodwa yithuba lokuthi aphinde agqame eqenjini alaziyo.

Kusengenzeka ukuthi aphinde ashaye into ecokeme, azibone esedlalela elinye lamaqembu amakhulu kuleli kanye neqembu lesizwe.

Kwabanye abadlali abake basayiniswa eZimnyama kodwa bagcina bebuyiselwe emuva kubalwa abasesiswini uKatlego Otladisa, Ntsako Makhubela nomgadli, u-Eva Nga nabanye.