UMDLALI wasesiswini weBafana Bafana, uTeboho Mokoena, ubalwa nabangazange bafinyelele ezingeni ebelilindelwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon)
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
OMUNYE wabadlali abagqamisa ibhola laseNingizimu Afrika eminyakeni edlule, uDoctor Khumalo, ubona sekufike isikhathi sokuthi abaqeqeshi bamaqembu adlala kwiPremier Soccer League (PSL) bafake isandla ekukhuliseni amathuba eBafana Bafana okuhamba ibanga elide kwiNdebe yoMhlaba.
IBafana esazikhotha amanxeba kulandela ukuwashiswa kwayo ijezi yiCameroon kwi-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngempelasonto edlule, ayinaso isikhathi sokuzixaka ngosekwenzekile ngokusho kukaKhumalo owayesenkundleni ngesikhathi iNingizimu Afrika idla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.
Nakuba iBafana ifike eMorocco nesithunzi sokulala isithathu kwi-Afcon edlule, ibingabukeki njengeqembu elihambe eMzansi lithwelwe ngeqoma ukuthi lizokwenza okungcono kunendondo yethusi eyabuya nayo kwi-Afcon yango-2024 e-Ivory Coast.
Ngokusho kukaKhumalo abadlali abamqoka beBafana bafike kulo mqhudelwano bekhombisa izimpawu zokukhathala.
“Mhlawumbe sekufike isikhathi sokuthi kwenzeke lokhu uBroos aseneminyaka ekhala ngakho lapho lo mqeqeshi waseBelgium exhumana khona nabaqeqeshi bamaqembu adlalelwa ngabadlali abumba ngabo iBafana.
“Kusukela umqhudelwano waqala uTeboho (Mokoena) ubengeyena lo mdlali esimaziyo. Angisho ukuthi ubeshaya udaka kodwa ubengekho ezingeni esimazi ngalo futhi akuyena yedwa.
“Akwethusi lokhu uma uzokhumbula ukuthi yena nabanye ozakwabo abebeqala imidlalo kwi-Afcon kabazange babenalo iholidi emuva kwesizini edlule.
“IMamelodi (Sundowns) ibidlala iFifa Club World Cup ngesikhathi abanye bephumule. Akubona abeSundowns bodwa kodwa cishe yonke iBafana iye kulo mqhudelwano ifomu iphansi," kusho uKhumalo.
“Asikho nokho isikhathi sokunaka okungeke kusashintsha kodwa okuseqhulwini wukuhlela indlela abasetshenziswa ngayo emaqenjini abo abadlali abayizithenjwa zeBafana.
“Asikho isidingo sokuxhamazela kepha kuzosiza ukuthi abantu baseMzansi basheshe bakwamukele ukuthi i-Afcon yaseMorocco bekungeyona eyabo.
“SineNdebe yoMhlaba maduze eseMexico, Canada nase-United States of America (USA) ezinyangeni ezine. Ngakho-ke singabantu baseNingizimu Afrika okuhlanganisa nabaqeqeshi bamaqembu e-PSL, kasihlangane sifake isandla kukhona konke okudingwa yileli qembu lesizwe."
IBafana izodlala neMexico emdlalweni wokuvula weNdebe yoMhlaba ngoJuni 11 eMexico City, eMexico.