UNOZINTI weBafana Bafana uRicardo Goss (ophethe ibhola) ezilolonga nozakwabo ekhempini eMorocco.
Image: BACKPAGEPIX
UNOZINTI weBafana Bafana, uRicardo Goss, uthi iqembu lesizwe kumele lithathe izifundo elizithole kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco njengoba lihlose ukulungisa amaphutha ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
IBafana ibuyele kuleli ezintatha ngoLwesithathu, lapho yamukelwe khona esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International, eGoli, nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie kanye neqeqebana labalandeli kulandela ukuphuma kwi-Last 16 kulo mqhudelwano.
INingizimu Afrika inqotshwe yiCameroon ngo 2-1 esigabeni sokuqala somkhumulajezi. Kwemithathu yamaqoqo inqobe emibili yakhala ngaphansi kanye.
Ekhuluma neSABC, uGoss uvumile ukuthi kubadumazile ukusheshe baphume kulo mqhudelwano ekubeni baqeda endaweni yesithathu kowango-2024.
“Kunzima. Uma uqhathanisa ne-Afcon edlule kusobala ukuthi abadlali abazizwa kahle, indumalo ibhalwe ebusweni. Besilindele lukhulu kithina,” usho kanje uGoss.
“Amanye amaqembu asihlaziye kahle. Sibonile sidlala ne-Egypt ukuthi ibihlezi emuva, okusho ukuthi kukhona okuhle esikwenzile. Besineqembu elihle kodwa kumele siqinise ekubhidlizeni udonga amaqembu avala ngalo emuva.
“Emdlalweni neCameroon bekufanele ngabe sihambe phambili ngamagoli amathathu emizuzwini engu-20 yokuvula umdlalo. Kwesinye isikhathi kuhamba ngenhlanhla. Nasemdlalweni ne-Egypt yavele yathola iphenathi kungazelele muntu.
“Ukube siwasebenzisile amathuba esiwathole sidlala neCameroon ngabe sonke sijabulile manje. Kuyingxenye yezifundo esizifundile futhi kufanele siqhubekele phambili. Abalandeli kumele baqhubeke nokuseseka. Ngicabanga ukuthi kukhona okuhle okuzayo.”
UGoss nomunye unozinti, uSipho Chaine, abadlalanga eMorocco njengoba ukaputeni, uRonwen Wiliams, eyiqale wayiqeda yomine imidlalo.
IBafana Bafana izodlala imidlalo yobungani ngoMashi njengengxenye yamalungiselelo eNdebe yoMhlaba ezoqala ngoJuni eMexico, Canada nase-United States.
Related Topics: