Ezemidlalo Ibhola

UMofokeng uchayize uRhulani omfuna e-Algeria

Mthokozisi Mncuseni|Published

URELEBOHILE Mofokeng we-Orlando Pirates ebanga ibhola noPule Mmodi weKaizer Chiefs

Image: SIGCINIWE

I-ORLANDO Pirates ingase ipheshukelwe ngomunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli bayo, uRelebohile Mofokeng, njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Konke lokhu kuvele enkulumweni yomqeqeshi weMC Alger, uRulani Mokwena, obhadlaze imfihlo yalo mdlali wePirates ngokulinda kwakhe ithuba lokudlala e-Europe, hhayi kwelinye izwekazi.

UMokwena ongazange afihle ukuthi uyamfuna uMofokeng, usebenzise abezindaba ukutshela abalandeli be-Alger ukuthi leli qembu selizame laze lakhathala ukuthola lo mdlali wePirates kodwa uyena onqabayo.

“Ngiyazi ukuthi abalandeli be-Alger bafuna uMofokeng. Nami ngokunjalo ngiyamfuna kodwa usezanywe kaningi wakucacisa ukuthi ikusasa lakhe kalikho eqenjini lase-Afrika kepha lise-Europe,"kusho uMokwena.

“Iqembu lizama konke okusemandleni ukuthola abadlali abafunwa ngabalandeli kodwa kuMofokeng kuzomele bakhohlwe ngaye ngoba sekwenzeke kaningi ebekelwa inkontileka phezu kwetafula ayichithe, ezeseka ngokuthi ulinde ithuba lokudlalela iqembu lase-Europe."

Indaba kaMofokeng nokuthola amadlelo aluhlaza isemoyeni kule sizini kwazise uMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi abashiya besadlala kwiDStv Diski Challenge (DDC) bajoyine amaqembu aseSaudi Arabia nase-United States of America (USA) ngokwahlukana.