Ezemidlalo Ibhola

Sekusele izikhala ezimbili kumakota e-Afcon

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI weNigeria uVictor Osimhen ejabulela elinye lamagoli amabili awashaye benqoba iMozambique ngo 4-0 kwiLast 16 ye-Afcon.

Image: BACKPAGEPIX

ISISONDELA kuvuthondaba i-Africa Cup of Nations eqale ngenyanga edlule eMorocco njengoba sekusele imidlalo emibili yeLast 16 ezogcwalisa uhlu lwamaqembu azogadulisana kuma-quarterfinal.

Kule midlalo ezoba ngoLwesibili i-Algeria izobhekana neDemocratic Republic of Congo eMoulay hassan stadium, eRabat, ngo-6 ntambama, bese ngo–9 ebusuku iqembu elivikela isicoco, i-Ivory Coast, libhekana neBurkina Faso eStade de Marrakech, edolobheni iMarrakech.

Aseyisithupha amazwe asezibekisele izindawo kuma-quarterfinal ngokudlula kweye-Last 16 eqale ngoMgqibelo.

Ompetha bango-2021, iSenegal, bangene kuqala emzuliswaneni olandelayo benqoba iSudan ngo 3-1 emdlalweni ababuye kuwona sebelandela ngemuva.

IMali neTunisia babambane ngo 1-1 kwaze kwaphela i-extra time, kodwa iMali yagcina idlule ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi yize idlale isikhathi eside isishoda kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaWoyo Coulibaly ngomzuzu ka-26.

Osokhaya iMorocco badlule kunzima benqoba iTanzania ngo 1-0, kwathi iCameroon yanqoba iNingizimu Afrika ngo 2-1 eRabat ngeSonto.

I-Egypt ishaye amagoli amabili kwi-extra time inqoba iBenin ngo 3-1 ngoMsombuluko, kwathi iNigeria yaqhubeka nokuba bukhali phambili ixebula iMozambique ngo 4-0.

IMali neSenegal bazobhekana kwi-quarterfinal yokuqala ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama bese iCameroon itholana phezulu neMorocco.

Imidlalo yakusihlwa iyona ezocacisa ukuthi yimaphi amaqembu azodlala neNigeria kanye ne-Egypt ngoMgqibelo.