Ezemidlalo Ibhola

Usazohlala izinyanga engadlali owePirates olimele

Zakhele Xaba|Published

UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates, uSihle Nduli, okungenzeka abuye sekuyophela isizini ngenxa yokulimala

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

KUNGENZEKA abuye sekuyophela isizini umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uSihle Nduli, okuphele unyaka engasabonakali esikimi ngenxa yokulimala.  

UNduli usayine kweZimnyama ekuqaleni kwesizini ka-2025/2026 esuka kwiStellenbosch ekade engenye yezinsika zayo. Ufike kwiPirates washesha wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli ngenxa yokuyibamba kahle enkabeni yenkundla kwazise ubelimele uMakhehleni Makhaula obeyenze eyakhe le ndawo. Nokho, kuvalelwe ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) engasabonwa uNduli esikimini sePirates kulandela ukulimala ngesikhathi behlula iLamoontville Golden Arrows ngo 3-1 eThekwini ekuqaleni kukaNovemba. Ubengekho nangesikhathi iPirates iqukula indebe yeCarling Knockout yehlula iMarumo Gallants ngenyanga edlule. Endaweni yakhe kubuye uMakhehleni Makhaula.

Nakuba iPirates ingacacisanga okuningi ngokulimala kukaNduli kodwa leli phephandaba lithole ukuthi unqamuke umsipha ohlukanisa isithende nomlenze (Achilles Tendon) okuwukulimala okujwayele ukuhlalisa ngaphandle abadlali izinyanga ezibalelwa kweziyisithupha. Kubadlali ababuya kulokhu kulimala eMzansi, kubalwa uThemba Zwane weMamelodi Sundowns osanda kubuyela enkundleni noSibusiso Vilakazi osewaphanyeke emgibeni amakhokho. Njengoba sekusele izinyanga eziyisihlanu kusongwe isizini, kungenzeka uNduli abuye sekusele imidlalo embalwa.

USIHLE Nduli ekhipha omunye wemiklomelo emqhudelwaneni wakhe, iSihle Nduli Tournament, ngenyanga ngoDisemba

Image: Isithombe:FACEBOOK/SIHLE NDULI

Ukulimala kukaNduli kusho ukuthi iPirates kuzofanele ithembele kuMakhaula, Thalente Mbatha, Masindi Nemtajela noSimphiwe Selepe esiswini. EZimnyama zisemkhankasweni wokuwina isicoco seligi yeBetway Premiership ngaphansi komqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou. Kuyiwe ekhefini le-Afcon zihleli ezicongweni se-log ngamaphuzu angu-28 emuva kwemidlalo engu-12. Zilandelwa yiMamelodi Sundowns ngawu-26 emuva kwemidlalo engu-13.

Njengoba kungamaholidi, uNduli ubuyisele emphakathini wangakubo eMthwalulwe ngomqhudelwano, iSihle Nduli Tournament, obunesiteki sika-R60 000. Iqembu i-Eleven Touches iyona ekhale yemuka nendebe.