IMAMELODI Sundowns engomakhonya bebhola laseNingizimu Afrika
Image: SIGCINIWE
OMUYE wabadlali ababengaconsi phansi eqenjini lesizwe laseCameroon eminyakeni edlule, u-Alexandre "Alex" Song owagqama kwi-Arsenal yase-England neFC Barcelona yaseSpain, utuse iMamelodi Sundowns ngokukhanya njengesibani ebholeni lase-Afrika emehlweni omhlaba.
USong oseMzansi kulezi zinsuku, usanda kudlana indlebe neMamelodi Sundowns Digital Magazine lapho kuvele khona inhlonipho lo mdlali anayo ngaleli qembu eladla isicoco seCaf Champions League ngo-2016.
Lo mdlali owalala isibili ne-Arsenal ngo-2005/2006 kwi-English Premiership, ungomunye wabadlali namanje okusakhulunywa ngabo kwabake bagqoka ijezi leqembu lesizwe laseCameroon.
Kungena ele-Indomitable Lions nje, yilona leli zwe elaliqeqeshwa nguHugo Broos kudala elimi endleleni yeBafana Bafana ebheke kwi-quarterfinal ye-Africa Cup of Nations eqhubeka eMorocco.
ALEX SONG
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
“Ukudlondlobala kweSundowns kulele ekutheni inabaphathi abakuqondayo ukuthi ibhola liyashintsha, ngakho-ke isidingo sokufaka imali sihlale siseqhulwini,” kusho uSong.
“Akuwona umlingo ukuthi iSundowns igqamile ebholeni lase-Afrika kodwa yingoba iphethwe ngendlela okufanele ngabe wonke amaqembu athathwa njengamakhulu e-Afrika aphethwe ngayo.
“Ukungesabi kwayo nokuphumela ngaphandle iyohlonza abadlali nabaqeqeshi kunomthelela ekutheni idlale ingcwwenga yebhola eyashiya umhlaba ushaqekile ngekwenze kwiFifa Club World Cup."
Eminyakeni eyishiyagalombili edlule kalikho iqembu eselike laqukula isicoco seligi yaseNingizimu Afrika ngaphandle kweSundowns.
USong wadla isicoco seLa Liga neBarcelona neseSuper Cup ngesizini ka-2012/2013.