ISITOBHA seMamelodi Sundowns uMothobi Mvala
Image: BACKPAGEPIX
UKHOLWA wukuthi sekusondele ukuthi baphinde banqobe isicoco seCaf Champions League umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uMothobi Mvala.
AmaBrazilian agcina ukuphakamisa le ndebe ngo-2016, esaqeqeshwa nguPitso Mosimane. Kusukela lapho asezame kaningi ukuphinde abe ngompetha bezwekazi kodwa ahluleke esefike kowandulela owamanqamu.
Ngesizini edlule afinyelele kowamanqamu, anqotshwa yiqembu lase-Egypt, iPyramids FC.
“Kungasho lukhulu ukuphinde sinqobe iChampions League ngoba iyona ndebe esihlale siyilwela. Sesike sahamba ibanga elide kulo mqhudelwano kodwa sihluleke ngasekugcineni. Ngibona sengathi siyasondela. Kungasho lukhulu kimina naseqenjini ukunqoba lesi sicoco,” kusho uMvala ekhuluma ekhasini leMamelodi Sundowns kuYouTube.
“Ngiyethemba ukuthi kule sizini sizobajabulisa abalandeli bethu ngoba sebehlukumezeke kakhulu kulo mqhudelwano. Bayaseseka kodwa asikabaniki injabulo yokubuya nendebe. Ngikholwa wukuthi siyeza leso sikhathi.
“Kwesinye isikhathi udinga ukuwujwayela umqhudelwano, nawo ukujwayele. Ngikholwa wukuthi indebe yeCaf iyasazi manje futhi sekuzoba yithuba lethu lokuyiphakamisa.”
ISundowns iqhwakele kuGroup C kwiChampions League ka-2025/26 ngamaphuzu amane emidlalweni emibili. Inqobe iSt Eloi Lupopo ngo 3-1, yabambana ngo 0-0 neMC Alger.
UMvala umatasatasa nezinhlelo zokululama ngemuva kokulimala edolweni ngoSepthemba, kwadingeka ukuthi ahlinzwe. Kulindeleke ukuthi abuye ngoFebhuwari kuya kuMashi.
Lo mdlali wayeyingxenye yeqembu leBafana Bafana elabuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka odlule.
Uthe nakuba ebengathanda ukuba yingxenye yeqembu elidlala kwi-Afcon eqhubekayo eMorocco, kodwa okumqoka manje wukuthi alulame.
“Ukudlalela iBafana Bafana ngenye yezinto esiphupha ngazo uma siqala ukudlala ibhola. Kwafezeka iphupho ngesikhathi ngifika emdlalweni owandulela owamanqamu neBafana kwi-Afcon edlule kodwa ngisanephupho lokunqoba okuthile neqembu lesizwe,” uqhube kanje uMvala.
“Ngeshwa angikwazanga ukuphinda ngibe yingxenye ye-Afcon yanonyaka ngenxa yokulimala. Bengifisa kodwa uNkulunkulu ubenezinye izinhlelo. Ngilifisela okuhle iqembu futhi ngiyazi ukuthi lizokwenza izwe liziqhenye.
"Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukuba yingxenye yeminye imidlalo yokuhlungela i-Afcon neNdebe yomhlaba. Sengizogxila ekululameni ukuze ngizibeke ethubeni lokulwela indawo eqenjini elizoya eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo,” uphethe kanje uMvala.
Related Topics: