Ezemidlalo Ibhola

UBroos unovalo ngesifo sobuthongo kwiBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI wasesiswini weBafana Bafana, uTeboho Mokoena, ngomunye wabangakafinyeleli ezingeni abaziwa ngalo selokhu kuqale i-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

NAKUBA iBafana Bafana idlulile ku-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa umqeqeshi wayo, uHugo Broos, usale ebalisa ngesikhali saleli qembu lesizwe esesiphenduke isitha salo.

UBroos obekungathi kusuke umthwalo kuyena ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kokunqoba kunzima kwiZimbabwe, ubalise ngesithunzi esesibalahlekele kalula abasithole ngokuvimba izitha ukuthi zingawatholi amagoli akubona njengesisekelo sokubuya kwabo nendondo yethusi e-Ivory Coast ngo-2023.

Lo mqeqeshi waseBelgium akazange akufihle ukuthi ayehli kahle kuyena indaba yokuthi kusukela kuqale i-Afcon iBafana ayikaze ingangenelwa yigoli.

Ngokusho kwakhe, iBafana kuzofanele ikhohlwe ngokudlula kwi-Ivory Coast noma kwiCameroon uma ingaphaphami ebuthongweni.

Njengoba iBafana ilale isibili ku-Group B, izobhekana nezwe elizolala isibili ku-Group F phakathi kwe-Ivory Coast, Cameroon neMozambique.

Umdlalo weBafana we-Last 16 nelilodwa lala mazwe uzoba ngeSonto, e-Al Medina Stadium, eRabat.

“Kuningi engingeneme ngakho kusukela kuqale umqhudelwano kodwa ngoba sidlulile eqoqweni, uphawini wokulungisa ukhona,” kusho uBroos eMarrakech.

“Kunabadlali abangakangenzeli lokhu engikubheke kubona ngenxa yokwahlukana kwezizathu kodwa okungikhalisa kakhulu wukungenelwa amagoli imidlalo ilandelana.

“Lokhu akufani nathi. Isisekelo sokubuya nendondo yethusi kwi-Afcon edlule sasincike ekutheni kasingenelwa amagoli. Kulokhu sibulawa yisikhali sethu.

“Kunemikhuba okufanele iphele ngokushesha ngoba amagama amazwe okuthiwa singase sibhekane nawo akhomba ukuthi kuyobe kuphelile ngathi kulo mqhudelwano uma siqhubeka nayo (imikhuba).

“Ngikhulekela ukuthi bekuwuvalo lwemidlalo yokuqala kodwa kuliqiniso ukuthi iBafana ayikafiki ezingeni ebengililindele. Ngiyakholelwa nokho ekutheni izinsuku eziyisithupha zokuhlela zizoba ngezanele ukuthi umyalezo siwufake ugxile kubadlali ngaphambi kwe-Last 16.

“Isithunzi sethu sakamuva e-Afrika senza amazwe abhukule kakhulu uma ebhekene nathi okuyinto esiphoqa ukuthi singabe sisathembela kwithalente kuphela uma sisenkundleni kepha sikulungele ukufaka izikhwepha.

“Kangililahlile ithemba ngeqembu lami kepha ngizama ukuliphaphamisa kwazise umqhudelwano usungena esigabeni esingavumi ukuthi wenze iphutha ngisho elincane."