ISITOBHA seMamelodi Sundowns esingalijwayele ijezi, uFawaaz Basadien, sibanga ibhola no-Oswin Appollis we-Orlando Pirates
Image: BACKPAGEPIX
ISITOBHA saseKapa esagxekwa ngokujaha imali saze salahlekelwa yindawo kwiBafana Bafana, uFawaaz Basadien, sifunge sagomela ukuthi kasisoze saliphosa ithawula ekulweleni indawo yaso esikimini seMamelodi Sundowns.
UBasadien (29) ufike kwiSundowns ngoJulayi lilikhulu isasasa esuka kwiStellenbosch FC, elandelwe ukuzoqinisa ngokuphindiwe leli qembu laseChloorkop.
Nokho kuze kube yimanje izinto kazikahlangani kuBasadien kwazise ulizwa ngendaba ijezi okuyisimo esimlahlekisele ngendawo abeseqala ukuyenza eyakhe emuva kwesokunxele kwiBafana.
Maningi amaqembu athathwa njengamakhulu abebangisa iSundowns ngesikhathi esuka kwiStellenbosch kodwa waqoma kuleli qembu likaMiguel Cardoso. Lo mqeqeshi wasePortugal ubukeka engakholelwa komunye umdlali ngaphandle kuka-Aubrey Modiba kule ndawo edlalwa nguBasadien. Ngaphezu kwalokho, kukhona uDevine Lunga waseZimbabwe abanga naye ijezi.
Kunezingxenye zabalandeli ezingakufihli ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uBasadien akekho esikwatini seBafana esidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco ngenxa yokulandela kwakhe imali esikhundleni sokuhlala kwiStellies noma ukusayina kwelinye iqembu.
Ngesikhathi ekhuluma neMamelodi Sundowns Digital Magazine muva nje, uBasadien uvule isifuba ngobunzima abhekane nabo ngesikhathi efika kuleli qembu kodwa wakubalula ukuthi akasoze waliphonsa ithawula.
“Ngangivele ngingalindele ukuthi ngizothi ngifika ngibe ngilenza elami ijezi kwazise iSundowns ibunjwe ngabadlali abagijima emaqenjini esizwe abo,” kusho uBasadien.
“Ngiyakwamukela nokuthi izinto zihambe ngendlela enzima kunale ebengiyilindele ikakhulukazi ngisanda kufika. Ngiyakholelwa ekutheni ikhono enginalo lingayithola indawo liyenze eyalo kwiSundowns kodwa futhi kusemqoka ukulinda ukumenyezwa ngumqeqeshi.
“Amagama abadlali engibanga nabo isikimu ayangikhuthaza ukuba ngisebenze nakakhulu. Ngiyazi ukuthi ngiyolithola ithuba lami bese kuba kimina ukuthi ngenzani ngalo.
“Engingeke ngikwenze ukuphonsa ithawula. Ukungaqali kahle akusho ukuthi sekuyobanjalo kuze kube phakade. Isiqalo singabumba isiphetho esiyoziqhenya ngaso mina neSundowns.
“Ngizimisele ukulwela indawo yami yize ngiqonda ukuthi kufanele ngingehlisi ekusebenzeni ngoba ngiyibanga nabadlali beqophelo lomhlaba."
Kule sizini uBasadien usabonakale emidlalweni yeSundowns eyisikhombisa kuyona yonke imiqhudelwano.
Njengoba iningi labadlali beSundowns lisemaqenjini esizwe akwi-Afcon, uBasadien angase adlale uma isibhekene ne-Orbit College emdlalweni weBetway Premiership ngoJanuwari 20 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.