Ezemidlalo Ibhola

Kuningi okufanele kulungiswe kwiBafana edlulele kwi-Last 16

Mthokozisi Mncuseni|Published

ABADLALI beBafana Bafana bebhunga okuthize ngesikhathi bebhekene neZimbabwe emdlalweni wokugcina kaGroup B kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMsombuluko eMorocco

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

YIZE kukhona abebewubuka sebecashe ngaphansi kwamatafula ngenxa yokuminca umdlalo weBafana Bafana neZimbabwe ewunqobe ngo 3-2 ku-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMsombuluko kodwa iqembu likaHugo Broos liphumelele ukwenza lokhu elalikuthembisile.

Ngaphambi kokuthatha uhambo oluya eMorocco, uBroos ufunge wagomela ukuthi nakanjani iBafana izodlula eqoqweni ebelibophele i-Egypt, Angola neZimbabwe.

Nakuba kubukeka kukuhle kodwa kusobala ukuthi iBafana kufanele ishintshe ukwenza uma inesifiso sokudlula kwi-Last 16 abangase bayidlale ne-Ivory Coast, Cameroon noma iMozambique.

Iwunqobe kuphi umdlalo iBafana?

*Ukungena kwegoli likaTsepang Moremi umdlalo usanda kuqala kwehlise ilukuluku kubadlali beBafana. Lokho kuholele ekutheni bedlale ngokukhululeka.

*Ukuqaphela kukaBroos ukuthi uYaya Sithole akadlali kahle kube nomthelela ekuwineni kweBafana. Zibuye ekhefini esefake uBathusi Aubaas ofike wasiqinisa isisu seBafana.

*Ubuqhawe bukaRownen Williams ovimbe amabhola amaningi amabi ikakhulukazi esiwombeni sesibili kuyisize kakhulu iBafana kulo mdlalo. Ngaphezu kwalokho, ubekwazi ukwehlisa isivinini somdlalo, aphoqe nokuthi ibhola baliqale emuva ngenhloso yokudonsa iZimbabwe. 

Yikuphi lapho iBafana ikhombise khona ukuba buthaka?

*Kuphinde kwagqama ukungaxhumani kahle kuSiyabonga Ngezana noMbekezeli Mbokazi maphakathi nodonga lwasemuva lweBafana. Nasemuva kwesokunxele, u-Aubrey Modiba ukhombisile ukuthi uyadinga ukushintshwa kweminye imidlalo.

*Kunesifo sokwehlisa igiya uma iBafana isithole igoli esiqapheleke kusukela emdlalweni wokuqala ne-Angola. Lokhu kuphinde kwenzeka koweZimbabwe ebuye kabili isilandela ngemuva.

*Ukuxhumana okuhle phakathi kukaTebogo Mokoena noYaya Sithole kuphinde kwagqama enkabeni yenkundla. Nokho uBroos usevele ukulungisile ngo-Aubaas.

Yikuphi okufanele kwenziwe nguBroos emdlalweni we-Last 16?

*Nakuba iqembu elizodlala neBafana lingakaziwa kodwa kucacile ukuthi u-Auabaas uyadingeka esiswini seBafana. 

*Kufanele uBroos acabange ukudlalisa uNkosinathi Sibisi noMbokazi emuva maphakathi kwazise ukuxhumana kwabo kungcono njengoba bedlala ndawonye kwi-Orlando Pirates. UNgezana uyasiza ngobude emuva kodwa mhlawumbe ukungaxhumani kwakhe noMbokazi yikhona okwenza iBafana ingenelwe ngamagoli amaningi kulo mqhudelwano. 

*Yize eza kahle uTsepang Moremi kodwa uMohau Nkota ubukeka efanelwe wukuyiqala eminye imidlalo.