Ezemidlalo Ibhola

Ziyanda izikhalo ngonompempe kwi-Afcon

Xolile Mpisane|Published

UNOMPEMPE u-Abdou Abdel Mefire enika iMorocco iphenathi emdlalweni wayo we-Afcon neMali.

Image: BACKPAGEPIX

I-AFRICA Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo eMorocco, iqale ngegiya eliphezulu njengoba iningi lemidlalo likhiqize amagoli ancomekayo, kodwa ziyanda nezikhalo ngezinqumo zonompempe nokusebenza kohlelo lwe-Video Assistant Referee (VAR) kulo mqhudelwano oqale ngoDisemba 21.

Abaqeqeshi nabadlali bamazwe ahlukene sebeqalile ukukhononda ngonompempe kanye ne-VAR abakholwa wukuthi baxova imiphumela ngokuthatha izinqumo ezivuna amaqembu athile.

Ngesikhathi iqembu lakuleli, iBafana Bafana, linqotshwa yi-Egypt ngo 1-0 ngoLwesihlanu emdlalweni walo wesibili kaGroup B, umqeqeshi uHugo Broos, ukhalile ngephenathi enikwe i-Egypt, evalelwe phakathi nguMohamed Salah, nangokuthi iBafana ayinikwanga iphenathi ngesikhathi ibhola lishaya isandla sikaYasser Ahmed ebhokisini.

UMQEQESHI weBafana Bafana ukhale ngonompempe benqotshwa yi-Egypt kowamaqoqo we-Afcon.

Image: BACKPAGEPIX

“Emhlanganweni oba khona ngaphambi komdlalo bayasichazela ngemithetho, ukuthi kuba yiphenathi uma kwenzenjani nokuthi ikhadi elibomvu liphuma uma kwenzenjani,” kusho uBroos.

"Ekugcineni kunemithetho eminingi kakhulu ngendlela yokuthi akekho owaziyo ukuthi kufanele enzeni. Bheka iphenathi yokuqala, ngisho no-Mo Salah ungitshele ngemuva komdlalo ukuthi umangele ngesinqumo. Bekuyihlaya ngempela."

Umqeqeshi weMali, uTom Saintfiet, naye ubewotha ubomvu ngemuva kokuthi bebambene ngo 1-1 neMorocco. Kulo mdlalo womabili amaqembu anikwe amaphenathi kodwa uSaintfiet ukholwa wukuthi ezakhe bekufanele zinikezwe enye.

"Ngiphinde ngasibona lesi sigameko kuthelevishini. Umdlali wasemuva uthinte ibhola ngesandla ebhokisini. Kuyadumaza ukuthi asizange siyithole leyo phenathi," kusho uSaintfiet.

UMQEQESHI weMali uTom Saintfiet ngomunye wasebegxeke onompempe kwi-Afcon.

Image: BACKPAGEPIX

Umqeqeshi weBenin, uGernot Rohr, ugxeke inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf) ngemuva kokuthi kube nesikhathi lapho i-VAR ibingasebenzi khona emdlalweni wabo neDemocratic Republic of Congo.

“Ngidinwe kakhulu ngezinga lonompempe kule Afcon. Kwenzekani nge-VAR? Bekufanele sithole iphenathi. Kukhona okungahambi kahle kwiCaf,” kusho uRohr.

Ukaputeni weBurkina Faso, uBertrand Traoré, ukhale ngonompempe ngesikhathi benqotshwa yi-Algeria ngo 1-0. Ucasulwe wukuthi kukhona lapho unompempe ehambe khona wayobheka kwi-VAR, ezinye izinqumo wazithatha engayanga kuyona.

SEKUGXEKWE indlela ekusetshenziswa ngayo iVAR kwi-Afcon.

Image: BACKPAGEPIX

"Kuyihlazo. Unompempe akazange ayihlole ngisho i-VAR ukuze abone lapho kudlaliswe kabi khona umdlali wethu ngaphambi kwegoli. Nami ngidlaliswe kabi ebhokisini kodwa kwathuleka. Kuyihlazo ebholeni lase-Afrika nakwi-Afcon. Onompempe bayayona imidlalo,” uphawule kanje uTraore.

Umsuka wazo zonke lezi zikhalo wukuthhi i-VAR, eyethulwa ukuze kuncishiswe amaphutha nokukhalaza, iyona esishiya amaqembu ekhala kakhulu futhi edidekile.

Kuzobonakala ukuthi lezi zikhalo zabaqeqeshi nabadlali zizoncipha yini noma zizokwanda njengoba i-Afcon isibheke esigabeni somkhumulajezi.

UKAPUTENI weBurkina Faso, uBertrand Traore, usale elele phansi kodwa unompempe wangamnika phenathi ngesikhathi bebhekene ne-Algeria.ngeSonto

Image: BACKPAGEPIX