UMDLALI weBafana Bafana, uTshepang Moremi, ngomunye okubhekwe ukuthi basize leli qembu libuye namaphuzu agcwele uma selibhekene neZimbabwe emdlalweni wokugcina wesigaba samaqoqo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMarrakech, eMorocco, namuhla kusihlwa
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
ESIKHUNDLENI sokudikibaliswa wumphumela womdlalo odlule ne-Egypt ku-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon), iBafana Bafana ikhuthazzwa yithuba lokubuyisela inqola yayo kujantshi ngeZimbabwe ezodlala nayo namuhla ngo-6 ntambama, eMarrakech Stadium, eMorocco.
Nakuba umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, evuma ukuthi sincane kakhulu isikhathi ababenaso sokuhlelela iZimbabwe kodwa akangabazi ukuthi iqembu lakhe linawo amava okuqoqa amaphuzu amathathu namuhla eMarrakech.
UBroos obekhuluma nabezindaba ekhempini yeBafana eMarrakech, uthe akalingabazi iqembu lakhe yingakho eya emdlalweni weZimbabwe ebheke ukudlulela esigabeni esilandelayo ngewini, hhayi ingcacamezela.
IBafana idinga ukuwina kwiZimbabwe ngenxa yokuthi ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwi-Egypt emdlalweni wesibili wesigaba samaqoqo ngoLwesihlanu e-Agadir.
Indlela iBafana eshaywe ngayo kulo mdlalo ibahlukanise phakathi abalandela unobhutshuzwayo womhlaba kwazise ezinye izingxenye ziyayihlaba indlela awuphathe ngayo umdlalo unompempe uPacifique Ndabihaweninama waseBurundi.
Iphenathi ye-Egypt iyakhalisa kwazise uNdabihawenimana uyibeke emuva kokubheka kwi-Video Assistant Referee (VAR). Ngasekupheleni komdlalo ne-Egypt iBafana ithole obekufanele kube yiphenathi kodwa yancishwa ekubeni lo nondweba kade ephinde waxhumana ne-VAR.
“Ngoba vele isikhathi sokuhlelela iZimbabwe besisincane, obekusemqoka bekuwukudlulisa ngokushesha konke okwenzeke emdlalweni we-Egypt ngoba ngeke sisawuguqula umphumela,” kusho uBroos ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa).
“Siya kwiZimbabwe ngokwazi ukuthi sinawo amava okuthola amaphuzu amathathu kuyona. Lokhu akusho ukuthi kuzobalula kwazise nayo (iZimbabwe) izofika emdlalweni yazi ukuthi isenalo ithuba lokudlulela esigabeni esilandelayo.
“Iphuzu iZimbabwe enalo emgodleni lizoyenza ifike kithina ishayela phezulu ngokwazi ukuthi uma isicindezela kuzovuleka indlela yayo ebheke kwi-Last 16.
“Ngeke sikuvume lokhu. Siyazi ukuthi abadlali esinabo banawo amava okubhincisela nxanye iZimbabwe. Kangikusho ngokungayihloniphi kodwa kulokhu ifike kabi sisafuthelana ngenxa yalokhu okwenzeke emdlalweni we-Egypt.
“Ngoba siyaqonda ukuthi ngeke sisenza lokhu ngokwenzeke kowe-Egypt sizosebenzisa ulaka olufanayo ukuqinisekisa ukuthi kasiyivumeli iZimbabwe ukuthi ize icabange ukuthi inethuba."
Ngesikhathi iBafana igadulisana neZimbabwe, i-Egypt esesicongweni ngamaphuzu ayisithupha izobe ibhekene ne-Angola e-Agadir. Uma i-Angola iphuma nephuzu kwi-Egypt, iBafana izobe isidinga ukugwema ukwehlulwa yiZimbabwe ukuze izozibekisela indawo kwi-Last 16. Amazwe amabili azoqeda ehlezi phezulu eqoqweni ngalinye, azohlanganiswa namane azoqeda kangcono endaweni yesithathu, adlulele kwi-Last 16.