UMGADLI weBafana Bafana, u-Evidence Makgopa,
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UKUSONGWA kwemidlalo yamaqoqo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo eMorocco, kuzosho ukufika kwesikhathi sokuququda izinzipho emazweni ahlukene azobe ebambe umoya kwazise awasekho amahlathi okucasha.
Njengoba iBafana ekuGroup B ivivela ukunombela ngomakhelwane, iZimbabwe, endleleni yayo ebheke kweyomkhulumajezi, sekuqala ukucaca nakwamanye amaqoqo. Lokhu kufakazelwa wukuthi kukhona amazwe asevele azibekisele indawo kwi-last 16 yize ingakadlalwa imidlalo yokugcina.
Kwenzeka konke lokhu nje, kwabanye akulalwa, kushaywa izibalo ngokufanele bakwenze ngemidlalo yokugcina nokufanele bamincele ukuthi kwenzeke kweminye imidlalo.
Isimo seBafana sicacisa indlela lo mqhudelwano onganikani ngayo ithuba lokuqhuzuka. Okuhle ngalo mqhudelwano wukuthi uwuvulile umnyango wangemuva emazweni azoqeda endaweni yesithathu kodwa enomthamo ozwakalayo wamaphuzu.
Okusobala ngomdlalo weBafana neZimbabwe wukuthi ezikaHugo Broos kazinawo uphawini wokuhlulwa kuwona ngoba lokhu kungahambisana nokuphoxeka okumangalisayo ngokuwasha ijezi ekuseni.
ITHIMBA labaqeqeshi beBafana Bafana
Image: BACKPAGEPIX
*Ku-Group C iNigeria isicacisile
INigeria ibe yizwe lesibili elizibekisele indawo kwi-Last 16 ngokunqoba ngo 3-2 kwiTunisia ngamagoli ashaywe uVictor Osimhen, Wilfred Ndidi no-Ademola Lookman. AweTunisia, efike emdlalweni ithwelwe ngeqoma, ashaywe yizitobha uMontassar Talbi no-Ali Abdi.
Lo mphumela weNigeria uwubufakazi nesibonelo sokuthi iwini izishintsha kanjani izinto kulo mqhudelwano.
*ISenegal ayikaqedi ku-Group D
Elinye lamazwe okubhekwe ukuba agoduke nesicoco maphakathi nenyanga ezayo, iSenegal ebanjwe yiDemocratic Republic of Congo (DRC), kumele licacise ngomdlalo wokugcina. ISenegal neDRC yibona abanethuba lokudlulela phambili ku-Group D.
Kulona leli qoqo, iBenin iqophe umlando ngokuwina umdlalo wayo wokuqala ngqa emlandweni kusukela yaqala ukudlala kwi-Afcon. Lokhu kwenzeke ngewini ka 1-0 kwiBotswana ngoMgqibelo, eRabat.
NGUVICTOR Osimhen weNigeria
Image: BACKPAGEPIX
NgoLwesibili, leli qoqo lizosongwa ngemidlalo ezodlalwa ngesikhathi esifanayo phakathi kweSenegal neBenin kanjalo neDRC neBotswana ezinkundleni ezahlukene.
*Osokhaya iMorocco baqale kahle kodwa…
Kuzodingeka ukuthi balinde kancane abathandi bakanobhutshuzwayo baseMorocco, kulandela ukubanjwa kweqembu labo yiMali ngo 1-1 emdlalweni wesibili ka-Group A ngempelasonto.
Iwini yeMorocco kwiComoros kowokuvula umqhudelwano, ilandelwe yibohlololo lokubanjwa yiMali emdlalweni womabili amagoli akhona okube amaphenathi aqale acutshungulisiswa yi-Video Assistant Referee (VAR).
BEBEXINANA kanje uSifiane Amrabat weMorocco noYves Bisouma weMali kwi-Afcon
Image: BACKPAGEPIX
Iphenathi yosokhaya ithathwe nguBrahim Diaz odlalela iReal Madrid ngaphambi kokuthi isilomo seMali esabulala iBafana kwi-Afcon edlule, uLassine Sinayoko, sinamathisele enethini eyokulinganisa.
Nakuba umphumela womdlalo wesibili ungahambisananga nalokhu obekufunwa ama-Atlas Lions nabalandeli bawo kodwa leli qembu lesizwe lisaqhwakele eqoqweni ngamaphuzu amane. IMali neZambia babambene endaweni yesibili ngamaphuzu amabili iqembu ngalinye.
*Kunzima kwiZambia kodwa kusengajika
Ompetha be-Afcon bango-2012, kabazange bawuqale kahle lo mqhudelwano kwazise emidlalweni emibili yokuqala abayidlale neMali neComoros ngokwahlukana, basabuye namaphuzu amabili.
Inkinga enkulu wukuthi kule midlalo yomibili basashaye igoli elilodwa. Umdlalo wokugcina weqoqo bazowugijima neMorocco esazikhotha amanxeba kulandela ukuphoxwa yiMali ngokuyibamba phambi kwezigidi zabalandeli.
Njengoba kubukeka sengathi mancane amathuba okuthi iZambia izishayele iMorocco, iChipolopolo sekumele ikhulekele ukuthi kubekhona amanye amazwe azoyenzela umsebenzi okuyisimo esinzima ukuba kusona.
NGUSADIO Mane weSenegal
Image: BACKPAGEPIX
*Ku-Group B kawukho uphawini wokuqhuzuka
Isobala indaba ye-Egypt kwazise inamaphuzu ayisithupha kodwa amazwe amathathu ku-Group B awakazi ukuthi azophelela kuphi.
IBafana inamaphuzu amathathu. Uma iwina kwiZimbabwe noma ithola iphuzu, izojoyina i-Egypt kwi-Last 16 kodwa uma lokhu kungenzeki izoqala inkinga.
IZimbabwe ne-Angola banephuzu izwe ngalinye kulandela ukubambana kwabo ngo 1-1 wamagoli uGelson Dala noKnowledge Musona ngokwahlukana ngempelasonto.
Njengoba la mazwe eshayiwe emidlalweni yokuvula iqoqo, asemelwe wukunqoba noma kanjani kweyokusonga ngoba asengcupheni yokungena endizeni ebheke ekhaya.
I-Angola izobhekana ne-Egypt namuhla ngo-6 ntambama. Ngaleso sikhathi iBafana izobe idudulana neZimbabwe emidlalweni ezocacisa abazothembela ezibalweni nalaba abazowezwa yizithukuthuku zabo.