Ezemidlalo Ibhola

OweDowns usongele iPirates 'efudumeze’ isicongo

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUSIHLALO weMamelodi Sundowns, uTlhopie Motsepe, okhulume sakusongela i-Orlando Pirates ngombango wesicoco seBetway Premiership

Image: BACKPAGEPIX

USIHLALO weMamelodi Sundowns, uTlhopie Motsepe, ukhulume sakukhumbuza i-Orlando Pirates ukuthi nakuba kusongwe unyaka kuyiyona eqhwakele kwi-log kodwa isicoco seBetway Premiership asiwinwa ngoDisemba. 

Minyaka yonke, uMotsepe ubhalela abalandeli baleli qembu incwadi yokusonga unyaka lapho esuke ekhuluma khona ngezinto ezahlukene ezithinta iqembu.

Kulokhu uMotsepe ukhulume ngenjabulo yabo bengabaphathi beSundowns ngokuhlabana kweqembu kodwa wabalisa ngokungenzi kahle kwayo kwezinye izindawo. 

Phezulu eqhulwini, uMotsepe uqhakambise isandla somqeqeshi, uMiguel Cardoso, ngokudla isicoco seligi sehlandla lesishiyagalombili kulandelana.

Lesi sikhulu sikubale njengempumelelo enkulu ukudlala kweSundowns kwiFifa Club World Cup kodwa sakhala ngokuhluleka kwayo ukudla isicoco seCaf Champions League. Sikhale nangodaka olushaywe yiMamelodi Sundowns Ladies kweyase-Afrika yize idle isicoco sesithupha seligi kulandelana kwiHollywoodbets Super League.

Ngalesi sikhathi sonyaka, iSundowns isuke iqhwakele kwi-log yePremiership kodwa kulokhu ivale unyaka isendaweni yesibili njengoba kuqhwakele iPirates. Eqinisweni, kule sizini kunomuzwa wokuthi iPirates ingase iyigudluze iSundowns eqhulwini lebhola laseNingizimu Afrika.

“Njengoba sizosonga unyaka sihleli endaweni esingayijwayele kwi-log akufanele sikukhohlwe ukuthi umlando ukhomba ukuthi isicoco seligi sidliwa ngoMeyi, hhayi ngoDisemba,” kusho uMotsepe.

“Iqembu seliqede konke ngezinhlelo ezidingekayo ngokwabadlali kumbe abantu abahlukene abazolisiza ukuthi libuyele lapho kufanele lihlale khona ekupheleni kwesizini.

“Kube wunyaka omuhle yize kubekhona izifundo ezinzima esizitholile njengokuphoxeka kwiChampions League nokuthi iqembu lethu labesifazane lihlulwe wukuzibekisela indawo kwiCaf Woman’s Champions League.

“Okuhle ngalezi zifundo wukuthi sizoqala unyaka omusha sikuqonda kahle okudingwa nguThemba Zwane neqembu lakhe ukuze iSundowns izobuyela endaweni yayo."