Ezemidlalo Ibhola

IZimbabwe ivimbe iBafana emnyango we-Last 16 ye-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGABALANDELI beBafana Bafana

Image: SIGCINIWE

YIMIZUZU engu-90 emi phakathi kweBafana Bafana nesigaba se-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) esingena kuvuthondaba emadolobheni ahlukene eMorocco.

EzikaHugo Broos zimelwe wukunqoba noma kanjani komakhelwane iZimbabwe emdlalweni ka-Group B walo mqhudelwano ngoMsombuluko ngo-6 ntambama, eMarrakech Stadium, eMorocco.

Ukuze kufezeke isethembiso sikaBroos asenza kubathandi bakanobhutshuzwayo waseMzansi ngaphambi kokuya eMorocco ngokudlula emidlalweni yamaqoqo, iBafana kufanele inqobe kwiZimbabwe noma igweme ukwehlulwa. 

Okwenza lo mdlalo ubenzima wukuthi njengoba engaziwa amagoli azongena (kweyangoMsombuluko ka-Group B), kunzima ukuqaqela ukuthi yiliphi izwe elizolala isibili kuleli qoqo eselivele lidliwe yi-Egypt enamaphuzu ayisithupha. IBafana (3), Zimbabwe (1) ne-Angola (1) bonke baya emidlalweni besenethemba.

I-Egypt ne-Angola bazoqala owabo umdlalo weqoqo ngesikhathi esisodwa noweBafana neZimbabwe kodwa wona use-Agadir Stadium, kuleliya lizwe.

Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye kwayisithupha, azohlanganiswa namane azoqeda kangcono endaweni yesithathu ukukhipha i-Last 16.