Ezemidlalo Ibhola

Owe-Egypt usehlelela iBafana 'eyingozi' kowe-Afcon

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI we-Egypt uHossam Hassan ulindele umdlalo onzima uma sebebhekene neBafana bafana ngoLwesihlanu ntambama.

Image: BACKPAGEPIX

UTHEMBA ukuthi indlela abaphunyuke ngayo kunoxhaka emdlalweni wokuvula neZimbabwe izobasiza baphaphame emdlalweni wesibili uma sebebhekene neBafana Bafana umqeqeshi we-Egypt, uHossam Hassan.

I-Egypt ibuye isilandela ngemuva, yanqoba iZimbabwe ngo 2-1 emdlalweni wayo wokuvula kaGroup B obuse-Agadir, eMorocco, ngoMsombuluko ebusuku.

IZimbabwe ihambe phambili ngegoli likaPrince Dube maphakathi nesiwombe sokuqala, i-Egypt yalinganisa ngelika-Omar Marmoush maphakathi nesibili ngaphambi kokuthi uMohamed Salah ayishayele enqobe ngalo ngesikhathi esengezwe ngunompempe.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba esishicilelwe ekhasini le-ON Sport kwiYouTube, uHassan ugcizelele ubunzima bemidlalo yokuvula emiqhudelwaneni emikhulu nokubaluleka kokuqala ngamaphuzu aphelele.

“Ngike ngasho ngaphambi komdlalo ukuthi umdlalo wokuqala unzima kakhulu ngoba yiwona okusondeza esigabeni esilandelayo. Kumqoka kakhulu ukuthi uthole amaphuzu aphelele ukuze ungene emidlalweni elandelayo ungenayo ingcindezi enkulu,” kusho uHassan.

“IZimbabwe ibifuna ukunqoba kodwa salwa kakhulu. Okungijabulisayo wukuthi sikwazi ukulungisa izinto nabadlali abebengaphandle. Ngibatshelile abadlali ngemuva komdlalo ukuthi abadlali abasebhentshini babaluleke kakhulu, bawushintshile umphumela.”

Umdlalo olandelayo we-Egypt izowudlala neBafana e-Adrar Stadium e-Agadir ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama.

IBafana nayo inqobe owayo wokuvula ngo 2-1, iguqisa i-Angola. UHassan uthe banolwazi ngobungozi beqembu likaHugo Broos.

“Sizohlaziya iqembu esizobhekana nalo emdlalweni wesibili. INingizimu Afrika iyiqembu eliqinile, elinenqwaba yabadlali abasezingeni ephezulu. Iyaziwa njengeqembu elinzima ngakho-ke kufanele siwulungiselele ngendlela efanele umdlalo olandelayo,” uqhube kanje lo mqeqeshi owayengumgadli ongalibheki ipali.

“Sifunde lukhulu emdlalweni wokuqala, kwadingeka umzamo omkhulu ukuze siwonqobe. Umdlalo olandelayo ngeke ube lula.”