Ezemidlalo Ibhola

IBafana ibheke ukuqeda nge-Egypt kowe-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI weBafana Bafana, u-Evidence Makgopa, ubona ithuba lokuqhwakela kuGroup B we-Africa Cup of Nations (Afcon) njengoba bezobhekana ne-Egypt ngoLwesihlanu eMorocco

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UKUQONDA isisindo esihamba namathemba okuthi iBafana Bafana iqhubeke nokubuyisa isithunzi ebholeni lase-Afrika, kwenza umgadli waleli qembu lesizwe, u-Evidence Makgopa, akhohlwe yizibiliboco zikaKhisimusi kepha abhekane ngqo nengqayizivele yethuba yokuqeda phezulu eqoqweni ephambi kwabo.

UMakgopa ubekhuluma nabezindaba ngoKhisimusi ngaphambi komdlalo wesibili ka-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon) ne-Egypt ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama, e-Agadir Stadium, eMorocco.

IBafana ne-Egypt babhekana nje, womabili la mazwe azibule ngewini ka 2-1 kwi-Angola neZimbabwe ngokwahlukana kuGroup B. Lokhu kwenza umdlalo wangoLwesihlanu ubaluleke kwazise uzocacisa ngezwe elizoqeda eqhulwini. 

Lo mgadli we-Orlando Pirates ongadlalanga ngesikhathi iBafana ibhekene ne-Angola, uvumile ukuthi kunzima ukufika kosuku lukaKhisimusi bengekho nemindeni yabo kodwa wathi iBafana imqoka nakakhulu.

“Njengoba sakhetha ukuba yingxenye yalo mkhakha kuyasiphoqa ukuba sisamukele sinjengoba sinjalo isimo yize kunzima,” kusho uMakgopa.

“Ubunzima besimo kabusho lutho uma ubuqhathanisa nethuba lokuqeda esicongweni eliphambi kwethu. Kuzoba wumdlalo onzima nakanjani kodwa futhi sikhuthazekile ngoba siyazi ukuthi singawina kwi-Egypt uma sizinikele ngakho konke esinakho."

Kunzima ukuziba indaba kaMo Salah no-Omar Marmoush beLiverpool neManchenster City ngokwahlukana okuyibona abashayele amagoli i-Egypt ngesikhathi yehlula iZimbabwe ngo 2-1 emdlalweni wokuqala. I-Egypt isinqobe i-Afcon amahlandla ayisikhombisa.

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uthe kungaba yiphutha ukuthi iqembu lakhe ligade laba badlali bobabili.

“Kangiboni kuwumqondo ophusile ukunaka uSalah noMarmoush sikhohlwe ngabanye ngoba singase siphaphame umonakalo usumkhulu,” kusho uBroos.