Ezemidlalo Ibhola

UKerr uthembisa ukuyiwinisa iligi iChiefs uma ingamqasha

Xolile Mpisane|Published

ABAQEQESHI abasaphethe izintambo kwiKaizer Chiefs, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef

Image: BACKPAGEPIX

LOWO owayengumqeqeshi weBlack Leopards, uDylan Kerr, usephumele obala wathi angashiya phansi konke akwenzayo uma engathola ithuba lokuqeqesha iKaizer Chiefs, akholwa ukuthi angayiwinisa isicoco seBetway Premiership.

Lo mqeqeshi (58) odabuka e-England, wadlala isikhathi eside kusukela ngeminyaka yawo-1980 kwaze kwaba ngu-2003, edlalela amaqembu afana ne-Arcadia Shepherds, Leeds United, Reading namanye amaningi.

Waqala ukuqeqesha eVietnam kwiHai Phong, wadlulela kwiSimba yaseTanzania neGor Mahia yaseKenya.

ENingizimu Afrika useke wacija iBlack Leopards, Baroka FC, Tshakhuma Tsha Madzivhandila, Moroka Swallows neMarumo Gallants.

EVietnam wadla isicoco seNational Cup, eKenya wanqoba izicoco ezimbili zeligi nezimbili zomkhumulajezi, eNingizimu Afrika wathatha iNedbank Cup neTTM waphinde wafinyelela kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup noMarumo Gallants.

NgoJanuwari nonyaka, uqokwe njengomqeqeshi weSoccer Stars United, okuyinkulisa yabadlali abasuka eminyakeni emihlanu kuya kwengu-18 eseNew York, e-United States.

Ekhuluma ekhasini leSoccerbeat kwiYouTube, uKerr akazange angene ezintangeni ngesikhathi ebuzwa ngeChiefs.

Amakhosi aqeqeshwa uCédric Kaze noKhalil Ben Youssef, abanikwe izintambo maphakathi nale sizini ngesikhathi leli qembu lihlukana noNasreddine Nabi, abebengamaphini akhe.

IChiefs isendaweni yesine kwi-log yeBetway Premiership. Isele ngamaphuzu amane kwi-Orlando Pirates eqhwakele.

Nokho, imiphumela yakamuva kwiCaf Confederation Cup nakwiligi, lapho ihlulwe khona kanye yadlala ngokulingana kathathu, isifake ingcindezi kuKaze noBen Youssef ingcindezi.

“Uma ngingathola ithuba lokuqeqesha iChiefs ngingabhukuda ngiwele i-Atlantic Ocean, ngehle ogwini lweMediterranean Sea, ngihambe ngezinyawo ngisuka enyakatho ne-Afrika ngize ngifike qathatha emzini kaKaizer Motaung, ngimtshele ukuthi uma efuna ukunqoba iligi ngingakwenza lokho. Yinto engihlezi ngiyisho,” kusho uKerr.

“Uma ubheka abadlali abadlalela iChiefs, Pirates, Sundowns, Stellenbosch, wonke amaqembu okuthiwa makhulu kule minyaka emibili noma emithathu edlule, ngingasho ngithi abadlali abasondele kwabangu-20 abakuwona ngabadlali bami beBlack Leopards, TTM, Swallows neMarumo Gallants.

“Ngingayilwela iligi naleli qembu lamanje leChiefs. Ngingenza ukuthi abadlali bangidlalele. Akubalulekile ukuthi ungubani kodwa okusemqoka ukuthi abadlali bagqoke ijezi bese beyazinikela.”

UKerr uthe nakuba kungenzeka ukuthi eNingizimu Afrika ubonakala njengomuntu ofanelwe wukuqeqesha amaqembu amancane, awahlenge ezembeni, unolwazi olwanele lokusebenza emaqenjini amakhulu.

Abaphathi beChiefs abakasho lutho ngokushintsha abaqeqeshi maphakathi nesizini, nokho aya ngokwanda amahlebezi okuthi bazama ukuheha owayengumqeqeshi weSundowns ne-Al Ahly, uPitso Mosimane, ongenalo iqembu njengamanje.

U-DYLAN Kerr onephupho lokuqeqesha iKaizer Chiefs.

Image: BACKPAGEPIX