ULYLE Foster weBafana Bafana oqale ngonyawo oluhle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka eMorocco
Image: BACKPAGEPIX
IQHAWE leBafana Bafana emdlalweni wokuqala ka-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon), uLyle Foster, lijabulele kakhulu ukuqala ngamaphuzu amathathu kunokuqokwa njengomdlali ovelele.
IBafana iphume namaphuzu amathathu kwi-Angola emdlalweni ewunqobe ngo 2-1 ngoMsombuluko eMarrakech Stadium, eMorocco.
Amagoli eNingizimu Africa ashaywe ngu-Oswin Appollis noFoster ngokwahlukana kweziwombe. Ele-Angola libhekwe enethini ngiManuell Show.
Igoli lika-Appollis lakhiwe nguyena lo mgadli weBurnley yase-England ngaphambi kokuvalela enethini elesibili ngomzuzu ka-79 okube yilona elibe yisipikili sokugcina kwi-Angola ebingazibekile phansi. Ngalokhu, uFoster uqokwe njengomdlali odlale kahle kunabo bonke osukwini.
“Mhlawumbe ngelinye ilanga ngiyobuka emuva ngizishayele ihlombe kodwa okwamanje ngisagxile ekufakeni isandla ngamagoli ukusiza iBafana ukuthi ihambe ibanga elide kulo mqhudelwano,” kusho uFoster emuva komdlalo.
Lo mgadli wacela ukuhoxa kwi-Afcon yase-Ivory Coast nyakenye ekhala ngezinkinga ezibhekene naye ezithinta nesimo sakhe somqondo.
Kusukela uFoster ebuyile kwiBafana, kuhlukene imibono ngaye kwazise uBroos akamshiyi uma efithi kodwa kunezingxenye zabalandeli eshaya amakhala ngokuqokwa kwakhe esikwatini se-Afcon, kwasala u-Iqraam Rayners okucushwe ngaye.
“Yinhle impela inkomishi yomdlali ovelele kodwa amaphuzu amathathu yiwona ehla kahle kimina. Okulandelayo ukuthi siqhubeke nomgqigqo omuhle emdlalweni we-Egypt. Isifiso wukungaphumi enkundleni ngingalitholanga igoli.
IBafana ibuyela enkundleni ngoLwesihlanu lapho izobhekana khona ne-Egypt (enqobe kwiZimbabwe) ngo-5 ntambama, e-Agadir.