Ezemidlalo Ibhola

Inkakha yePirates ivuna u-Ouaddou ngolukaMabasa

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUTSHEGOFATSO Mabasa okhonjwa endleleni ephumayo kwi-Orlando Pirates

Image: BACKPAGEPIX

OMUNYE wabagadli abazakhela ugazi kwi-Orlando Pirates, uBruce Ramokgadi, ukuchaze njengomsangano ukuthi uTshegofatso Mabasa ukhishwa inyumbazane kuleli qembu laseSoweto ngoba kunohlelo lokuvikela irekhodi lamagoli likaBennedict “Tso” Vilakazi.

Sekuphele izinyanga ezintathu uMabasa agcina ukubonakala enkundleni emdlalweni wePirates weBetway Premiership kanti nakowamanqamu weCarling Knockout ubengabonwa nangokhalo.

Lo mgadli ushoda ngamagoli ayisishiyagalolunye ukuthi aphule irekhodi likaVilakazi leminyaka lamagoli angu-58 kweZimnyama. Emidlalweni engu-141, uMabasa useshaye inethi amahlandla angu-50 edlubhe ijezi lePirates.

URamokgadi owayedlala phambili kwiPirates, uchaze isimo salo mgadli njengebhadi. 

“Kunzima ukukhononda uma iqembu lenza kahle ngaphandle kwakho. Yingakho ngikholelwa ekutheni uMabasa angase ayishiye iPirates,” kusho uRamokgadi kwiSolezwe.

Inkontileka kaMabasa nePirates isisalelwe yizinyanga eziyisithupha. Lokhu kumnika igunya lokuxoxa namanye amaqembu. 

Muva nje ususe yonke imifanekiso emxhumanisa nePirates emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.

Kunamahlebezi amumatanisa neKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns njengoba kuzovuleka iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngenyanga ezayo.

“Kuqondane kabi ukuthi ngesikhathi uMabasa eselibuka irekhodi lamagoli, kwavele kwafika umqeqeshi ongakholelwa endleleni lo mgadli alidlala ngayo ibhola.

“Akuyona into efihliwe ukuthi u-Ouaddou (Abdeslam) ukholelwa kubagadli abamakayo njengo-Evidende (Makgopa) noYanela (Mbuthuma) okungeyona indlela yokudlala kaMabasa.

“Ngumsangano ukuthi kukhona uhlelo lokuvimba uMabasa ukuthi asuse irekhodi likaVilakazi. Amarekhodi ayaphuka ngokuhamba kwesikhathi ngakho-ke angikholwa ukuthi iqembu elikhulu njengePirates lingavimba abadlali ukuthi bangazenzeli owabo umlando.

“UMabasa ungumgadli weqophelo futhi nomqeqeshi wePirates akakufihli lokho, yikhona nje ukuthi akangeni esitayeleni esesidlalwa yiBucs kusukela kuqale isizini.

“Ngeke aliswele iqembu futhi sisazoqhubeka simbone ewaqhulula kwi-PSL, yikhona nje ukuthi bengingakujabulela ukuthi aqale aphule irekhodi lePirates bese kuyima ehamba okuyinto engicabanga ukuthi ngeke isenzeka.

“Bengimbhekile emdlalweni weCarling All Stars kodwa ukungabibikho kwakhe kukhombisile ukuthi kuzokwenzekani ngekusasa lakhe. 

“Nendlela abafana abancane (uSifiso Luthuli noBoitumelo Radiopane) abadlale kahle ngayo ekubeni bewuhlobo luka-Ouaddou kuphinde kwayigcwalisa indaba yokuthi uMabasa usendleleni ebheke emnyango ophumayo kwiPirates,” kusho uRamokgadi.