Ezemidlalo Ibhola

UBroos usenalo iqhinga lokudlula eqoqweni le-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos no-Oswin Appollis oqede oweGhana eselimele

Image: BACKPAGEPIX

UMQONDO womqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usuhleli ekubopheni itulo lokuqinisekisa amaphuzu amathathu kwi-Angola emdlalweni wokuvula uGroup B we-Africa Cup of Nations (Afcon) okuzokwenza owe-Egypt udlaleke ngokukhululeka.

IBafana, esonge amalungiselelo e-Afcon ngokunqoba ngo 1-0 kwiGhana emdlalweni wobungani ngoLwesibili, izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuvula we-Afcon ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku eMarakkech Stadium eMorocco.

Nakuba kusenabadlali abathathu abangakahlangani neqembu, uBroos utshele abezindaba ukuthi iqembu lakhe selikulungele ukuqala umqhudelwano.

Laba badlali nguLyle Foster, Shandre Campbell noSiphephelo Sithole abadlalela amaqembu ase-Europe abebengekho ngesikhathi iBafana inqoba ngo 1-0 wegoli llikaSipho Mbule kwiGhana eDobsonville Stadium eSoweto.

Umdlalo ophele sekubanjwe umoya kulandela ukuthinteka kuka-Oswin Appollis ngemizuzu yokugcina. Nokho uBroos uthe phansi amaphaphu.

“Bamkhahlelile u-Appollis umdlalo usuyophela kodwa okwamanje akukho okukhomba ukuthi sekufanele kubanjwe amakhanda kwazise nodokotela ababikanga lutho oluthusayo,” kusho uBroos.

“Sekungaba ukuthi isimo kasilungi ngokuhamba kwezinsuku. Kucacile ukuthi bonke abadlali bebengafuni ukuba yingxenye yomdlalo wokugcina ngaphambi komqhudelwano omkhulu. Abaningi bebegxile ekutheni bangalimali.

“Ngineme ngokuthi siwinile kanti ngijabule nangokuthi kunabadlali abaphinde bangikhumbuza ukuthi noma bengalijwayele ijezi kodwa bakulungele ukusabela noma yinini uma ngibamemeza njengoKhulumani (Ndamane).

“Nakuba singakapheleli ekhempini kodwa ngikholelwa ekutheni sikulungele ukuqala umqhudelwano. Izinsuku ezine esizoba nazo nabadlali abangakafiki zanele ukuthi siphume neqhinga elifanele ukuze siqale umqhudelwano ngegiya eliya phambili."

Lo mqeqeshi waseBelgium ubona umdlalo we-Angola njengokuyiwona ozohlahla indlela kulo mqhudelwano.

“Umqondo usuhleli ekutheni singaqinisekisa kanjani ukuthi siqale iqoqo ngamaphuzu amathathu. Ukuphumelela kwethu ukwenza lokho kuyobe kusinika igunya namandla okudlala owe-Egypt ngokukhululeka.

“Akufihliwe ukuthi ngokwesithunzi i-Egypt iyona ethishwe ukuba idle iqoqo esikulona okuzitolika ngokuthi umdlalo wesibili walo (iqoqo) uzobe ulukhuni satshe.

“Kasinawo uphawini wokucasha ngesithupha kwi-Angola ngoba iwini iyobe isinika amandla okuqhubeka neqoqo sishayela phezulu,” kusho uBroos.