NGUMBEKEZELI Mbokazi ongeke esadlalela i-Orlando Pirates kulandela ukusayina inkontileka neChicago Fire yase-USA
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uzwakala emanqika ukuvala isikhala sikaMbekezeli “TLB” Mbokazi ngenxa yokuchazwa yindlela entsha yokudlala ngezitobha ezintathu ayisebenzise ngesikhathi beguqisa iCarling All Stars emdlalweni weCarling Black Label Cup eThekwini.
Nakuba uMbokazi ebesenezinyanga ekhushulelwe esikimini esikhulu kwiPirates esuka kweseDStv Diski Challenge (DDC) kodwa ukuhamba kwakhe kushiye imbobo odongeni lwasemuva lwaleli qembu.
Imbangela yalokhu wukuthi uMbokazi ozojoyina iChicago Fire yase-United States of America (USA) emuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon), ukhushulwe ngenxa yokulimala kwezitobha u-Olisah Ndah noThabiso Sesane ngesikhathi esisodwa.
Sekuwumlando ukuthi lezi zitobha zombili seziluleme ngokugcwele futhi ziwuqalile umdlalo weBlack Label Cup, Kusemnyama kuThapelo Xoki owalimala engozini okwathinteka kuyona no-Ouaddou njengoba engakaze aphinde abonakale enkundleni.
Ngenxa yalokhu nokujoyina kukaMbokazi leli qembu elidlala kwiMajor Soccer Legaue (MLS), bekunomuzwa wokuthi iPirates izophoqeleka ukungena emakethe yabadlali, ibuye nesitobha uma izimisele ngokugudluza iMamelodi Sundowns esicongweni sebhola laseNingizimu Afrika esihlale kusona iminyaka ecela kwengu-10 ilandelana.
Kungase kushintshe uhlelo ngendaba yasemakethe uma kuzoya ngokwenkulumo ka-Ouaddou emuva kokunqoba kwi-All Stars lapho ezwakalise ukuhlabeka umxhwele ngokudlala ngezitobha ezintathu esikhundleni sokuqinisekisa ukuthi kubekhona (isitobha) esidlala ngonyawo lwangakwesokunxele.
“Kwesinye isikhathi sizona thina izinto singabaqeqeshi ngokuqhubeka nokucabanga noma sesisitholile isiombululo,” kusho u-Ouaddou ebuzwa ngokuthi uzosivala kanjani isikhala sikaMbokazi.
“Kuyisisekelo somsebenzi wethu singabaqeqeshi ukuthi sikhulise abadlali ngakho-ke kulaba enginabo kufanele ngiqhamuke nendlela yokwenza ukuthi kungabonakali ukuthi kukhona isikhala.
“Sekunesikhathi siyizama indaba yokudlala ngezitobha ezintathu njengoba kwenzekile kowe-All Stars.
“Lokhu kusinike umqondo ngenye indlela esingayisebenzisa esiwombeni sesibili sesizini ngoba amaqembu amaningi acabanga ukuthi aseyayiqonda indlela esidlala ngayo."
Likhulu ithemba ngokuthi iPirates igudluze iSundowns esicongweni kule sizini kwazise leli qembu laseSoweto, liqede unyaka liqhwakele. Ngokujwayelekile ebholeni laseMzansi, iqembu eliqale unyaka omusha liqhwakele livamise ukuqukula isicoco seligi ngoMeyi.