Ezemidlalo Ibhola

OweBafana ulethe ukungabaza ngekusasa lakhe kwelaphesheya

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUSIYABONGA Ngezana weBafana Bafana ofake ungabazane ngekusasa lakhe kwi-FCSB yaseRomania

Image: BACKPAGEPIX

OMUNYE wabadlali ababenuka iqaqa kwabanye abalandeli beKaizer Chiefs, uSiyabonga Ngezana, uzwakalise ukuthi akanaso isiqiniseko sokuthi uzibuyela eqenjini anenkontileka nalo, iFCSB yaseRomania, emuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon).

UNgezana usekhempini yeBafana Bafana eMorocco, njengoba izoqala i-Afcon ngoMsombuluko, ne-Angola eMarakkech. Usehlale amasizini amathathu kwiFCSB asayine kuyona esuka kwiChiefs ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024. 

Ngaphandle kokuvotelwa njengesitobha esivelele kwezingewona umsinsi wokuzimilela eRomania, uNgezana useqokwe njengomdlali wasemuva ovelele kwi-FCSB kuwona womabili amasizini adlule.

Ngenxa yalokhu kugqama ngesikhathi esincane efikile e-Europe, kunamahlebezi amkhomba endleleni ephumayo kuleli qembu laseRomania.

Ngaphambi kokufulathela iRomania, uNgezana ukhulume ne-website yezemidlalo, i-fanatic.com, lapho eveze khona ukuthi yize wonke umqondo wakhe ugxile ekusizeni iBafana kwi-Afcon kodwa akazi noma uzobe esewumdlali weFCSB uma sekuphele i-Afcon.

Nakuba lo mdlali owahamba kwiChiefs esolwa ngamaphutha okwakuthiwa ashovela phansi Amakhosi, usize i-FCSB yadla isicoco seligi neseRomanian Super Cup amahlandla amabili kulandelana kodwa umnikazi weqembu, uGigi Becali, kubukeka engayizwa indaba yakhe.

Kule sizini, uNgezana uhlushwe wukulimala kodwa ngokukaBecali, ubezenzisa ngoba efuna ukufika kwi-Afcon ewumqemane khona ezozidayisa kahle.

“Empilweni ngeke ufunge ugomele ngokuzokwenzeka ngomuso ngakho-ke okwamanje kangazi noma ngizobe ngisewumdlali weFCSB emuva kwe-Afcon noma ngizobe ngingaseyena,” kusho uNgezana.

“Okunye nokunye ngiyokubona emuva kokusiza iBafana emqhudelwaneni mina nozakwethu esikholwayo ukuthi singahamba ibanga elide kuwona njengoba kwenzeka kodlule.

“Njengoba iqembu (i-FCSB) lingena esigabeni esimqoka sesizini ngilifisela okuhle kodwa. Abadlali be-FCSB sekufana nokuthi bangabafowethu ngakho-ke ngibafisela impumelelo njengoba isizini isingena kuvuthondaba."

Amathuba okuthi uNgezana abonakale kwi-Afcon alele kumqeqeshi weBafana, uHugo Broos. Okwamanje lo mqeqeshi ubukeka esakholelwa kuNkosinathi Sibisi noMbekezeli Mbokazi maphakathi nenkundla emuva.

Kusukela zaqala izinxushunxushu zikaNgezana eRomania, maningi amaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni lase-Europe amataniswa nawo.