UMDLALI osemncane, uMbekezeli Mbokazi, okulindeleke ukuthi aqinise udonga lwasemuva kweBafana Bafana kwi-Afcon.
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA amazwe azoba yingxenye ye-Africa Cup of Nations yanonyaka ezoqala ngeSonto, eMorocco, ezobe ehlome ngenqwaba yabadlali abadumile abadlala kumaligi amakhulu emhlabeni futhi asebenomlando kulo mqhudelwano, baningi nabasebancane okubhekwe ukuthi benze umehluko kuwona.
Abaqeqeshi bamaqembu sebekhombise ukubathemba abadlali abasebasha, nokuyinto esidlulele nakubaqeqeshi bamaqembu esizwe. Lokhu kufakazela ukuthi uma unekhono iminyaka ngeke ikuvimbe ekutheni umele izwe lakho emiqhudelwaneni emikhulu.
Naba abadlali abaneminyaka engu-21 noma ngaphansi okulindeleke ukuthi basize amazwe abo kwi-Afcon yanonyaka.
Mbekezeli Mbokazi (Ningizimu Afrika)
Lo mdlali (20) odlala maphakathi emuva uqale ukudlala esigabeni esiphezulu eqenjini abekulona, i-Orlando Pirates ngoMashi nonyaka, kodwa washeshe wazinza kulona. Kuphele isizini ka-2024/25, sekucacile ukuthi ungomunye wezethenjwa zeqembu.
Isizini ka-2025/26, uyiqale ngendlela efanayo kanti ubesenqobe izicoco ezimbili nePirates ngaphambi kokuthi athengwe yiqembu lase-United States, iChicago Fire, azoqala ukubonakala kulona ngonyaka ozayo.
Akagcini ngokumaka kahle nokusebenzisa amandla kodwa uwusizo futhi uma kuhlaselwa ngenxa yamaphasi akhe asheshayo.
UMDLALI ohlaselayo weSudan, uMusa Hussein, okubhekwe ukuthi abe wuhlupho ezitobheni kwi-Afcon.
Image: FACEBOOK
Musa Hussein (Sudan)
UHussein (19) ugqamile kwi-African Nations Championship (CHAN) yanonyaka, lapho ebe khona ngumdlali omncane kunabo bonke abashaye igoli kulo mqhudelwano esaneminyaka engu-18. Lo mdlali ukwazi ukudlala ezinhlangothini noma maphakathi esiswini naphambili. Ungumdlali omqoka eqenjini laseSudan.
Umjiko wakhe nesivinini kungase kumenze abe yingozi ezitobheni zamazwe abazobhekana nawo esigabeni samaqoqo, i-Algeria, Burkina Faso ne-Equatorial Guinea.
Eliesse Ben Seghir (Morocco)
UBen Seghir (20) ungomunye wabadlali abasebancane abathathwa njengekusasa leMorocco, ngenxa yobukhali babo uma behlasela. Naye ungomunye wabadlali abajwayele ukuhlasela ngakwesokudla noma kwesokunxele kodwa okwaziyo ukudlala maphakathi uma sikhona isidingo.
Usesikhombisile isibindi eqenjini lakhe laseGermany, iBayer Leverkusen, edlala emiqhudelwaneni emikhulu iBundesliga, UEFA Champions League neDFB Pokal.
Ibrahim Maza (Algeria)
UMaza (20), onguzakwabo kaBen Seghir kwiBayer Leverkusen, naye ufike kwezwakala kuleli qembu kule sizini esuka kwelinye laseGermany, iHertha Berlin. Useshaye amagoli amabili kwiBundesliga namanye amabili kwiDFB Pokal.
Udlala esiswini naphambili futhi kubhekwe ukuthi akhathule indima enkulu ukuze i-Algeria, eyaba ngompetha base-Afrika ngo-2019, ingene emidlalweni yomkhumulajezi ngemuva kokuphuma esigabeni samaqoqo emiqhudelwaneni emibili edlule ye-Afcon.
Lamine Camara (Senegal)
Lo mdlali oyibamba enkabeni yesisu eqenjini laseFrance, i-AS Monaco, uzobe engaqali ukudlala kwi-Afcon kwazise wayekhona kweyayibanjelwe e-Ivory Coast, ngonyaka odlule, lapho ashaya khona amagoli amabili iTeranga Lions ibhekene neGambia.
Uyiqale kahle isizini ka-2025/26, kwazise usenamagoli amathathu kwiLigue 1. Akufanele aphanjaniswe noMamadou Lamine Camara (22), odlalela iRS Berkane yaseMorocco, naye osefakiwe esikwatini se-Afcon kulandela ukulimala kuka-Ilay Camara.
Yankuba Minteh (Gambia)
UMinteh (21) ubalwa nabadlali base-Afrika abasebancane abashisayo kule sizini ngenxa yendlela adlala ngayo eqenjini lase-England, iBrighton and Hove Albion, lapho eseshaye khona amagoli amahlanu.
Indlela awuhlupho ngayo ezitobheni isiholele ekutheni kube namahlebezi okuthi ungomunye wabadlali iLiverpool ebabhekile ukuthi ingavala ngabo isikhala sikaMohamed Salah uma eselishiya leli qembu.
UYANKUBA Minteh waseGambia okubhekwe ukuthi aqhubeke nakwenza kwiPremier League yase-England, uma esedlala kwi-Afcon.
Image: BACKPAGEPIX
Related Topics: