Ezemidlalo Ibhola

UNgidi kwabathole amakhaya amasha kwi-IPL

Xolile Mpisane|Published

UMSHWIBI wamaProteas uLungi Ngidi ngomunye wabadlali bakuleli abazodlalela amaqembu amasha kwi-Indian Premier League ngesizini ezayo.

Image: X / PROTEAS MEN

BATHOLE amaqembu amasha abadlali abane bamaProteas ngesikhathi kunendali yabazodlala kwi-Indian Premier League ngonyaka ozayo ebibanjelwe e-Etihad Arena, e-Abu Dhabi, ngoLwesibili.

Abashwibi u-Anrich Nortje noLungi Ngidi basayiniswe yiLucknow Super Giants neDelhi Capitals, ngokwehlukana, ngo-2 crore (R3.7-million) umdlali ngamunye.

UDavid Miller uthengwe yiDelhi Capitals ngo-2 crore (olinganiselwa ku-R3.7-million). Lo mdlali (36) owake wadlalela iGujarat Titans nePunjab Kings, udedelwe yiLucknow Super Giants ekupheleni kwesizini ka-2025.

UQuinton de Kock uthathwe yiMumbai Indians ngo-1 crore (R1.9-million), esuka kwiKolka Knight Riders, engayivuselelanga inkontileka yakhe.

Bangu-77 abadlali abathengiwe ngoLwesibili kanti abangu-29 kubona baqhamuka ngaphandle kwase-India.

Bebengu-213 abadlali abebesohlwini oluphelele lwababefisa ukuba yingxenye ye-IPL ngesizini ezayo kodwa iningi labo ligcine lingathengwanga.

Kwabakuleli abangabanga nayo inhlanhla yokukhethwa kubalwa uWiaan Mulder, Gerald Coetzee, Connor Esterhuizen noDaniel Lategan. 

Bangu-12 abakuleli abazoqhubeka nokudlalela amaqembu abebevele bewadlalela ngesizini edlule.

UMiller noNgidi bazofica umdlali ongalibheki ibhola, uTristan Stubbs, kwiCapitals, uNortje uzodlala no-Aiden Markram noMatthew Breetzke kwiSuper Giants kanti uDe Kock uzothola uCurbin Bosch eqenjini laseMumbai.

KwiRajasthan Royals bathathu abakuleli, uLhuan-Dre Pretorius, Kwena Maphaka noNandre Burger.

KwiChennai Super Kings kunoDewald Brevis, uMarco Jansen usazoyibamba kwiPunjab Kings, uKagiso Rabada kwiGujarat Titans, uHeinrich Klaasen aqhubeke nokudlalela iSunrisers Hyderabad.

Amaqembu angenabo abaseNingizimu Afrika ngompetha iRoyal Challengers Bengaluru neKolkata Knight Riders.

I-IPL yangonyaka ozayo izoqala ngoMashi 26 isongwe ngoMeyi 31.