Ezemidlalo Ibhola

ISharks izodlubha imibala ehlukile kowe-URC neBulls

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI weSharks uSiya Kolisi egqoke ijezi elingajwayelekile ezolisebenzisa emdlalweni wangoMgqibelo we-United Rugby Championship neVodacom Bulls.

Image: X / SHARKSRUGBY

IQEMBU lombhoxo laKwaZulu-Natal, iHollywoodbets Sharks, lizongena enkundleni lidlubhe ijezi elinemibala engajwayelekile uma selidlala umdlalo omqoka we-United Rugby Championship neVodacom Bulls ngoMgqibelo.

Lo mdlalo, ophakathi kweSharks nezimbangi zayo ezinkulu, uzoqala ngo-6 ntambama eHollywoodbets Kings Park eThekwini.

Leli qembu, elijwayele ukusebenzisa umbala omnyama nomhlophe, lizodlala ngejezi elihlukile elinemibala ebomvu nesagolide elikhiqizwe ngabaxhasi balo, i-Umbro. Lizolisebenzisa kulo mdlalo kuphela.

“Leli jezi lichaza ukuthi izinkampani nezikhungo ziyadlula ebunzimeni kodwa lapho kukhona khona ubunzima nengcindezi yilapho kuqhamuka khona igolide. Liqhamuke kanjalo-ke leli jezi. Lihle futhi nabadlali bajabule ngalo,” kusho ibamba lomqeqeshi weSharks, uJP Pietersen, engxoxweni ne-East Coast Radio.

Ubunzima lo mqeqeshi akhuluma ngabo yindlela iSharks eyiqale kabi ngayo isizini kwi-URC lapho ihlezi khona endaweni ka-14 ngamaphuzu ayisishiyagalombili ewathole ngokunqoba kanye nokudlala ngokulingana kanye emidlalweni eyisithupha.

Iphinde yavula ngebatha nakwi-European Champions Cup ngesikhathi inqotshwa yiToulouse yaseFrance ekuhambeni emdlalweni avalelise ngawo obeliqeqesha uJohn Plumtree.

UPietersen ubambe izintambo okokuqala kowesibili wamaqoqo weChampions Cup ngempelasonto edlule lapho iSharks iguqise khona iSaracens ngo 28-23 eThekwini.

Uthemba ukuthi bazophinde balinyuse izinga njengoba sebezobuyela kwi-URC ngalo mdlalo neBulls.

“Ukubhekana neBulls kuhlezi kuyinto enkulu ngenxa yomlando wala maqembu. Kuzoba yinselelo enhle njengenjwayelo. Abalandeli bazophuma ngobuningi babo njengoba kuwuDisemba futhi silindele umdlalo omuhle,” uqhube kanje uPietersen.

“Ingcindezi ihlale ikhona uma ungumqeqeshi kodwa kufanele ukwazi ukwamukela ukunqoba nokuhlulwa. Kufanele ubheke umdlalo ngamunye, uthembe izinhlelo zakho, unike iqembu ithuba elingcono lokudlala kahle.

“Sithanda ukubonga abalandeli ngokuseseka ezikhathini ezinzima. Esihlose ukukwenza ngoMgqibelo wukubajabulisa. Sifuna ukudlala uhlobo lombhoxo oluzobenza bathokoze, bame ngezinyawo,"