Ezemidlalo Ibhola

Amathuba okuqopha umlando kwi-Afcon eMorocco

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos usethubeni lokuba ngowesibili emlandweni ukunqoba i-Afcon namazwe ahlukene.

Image: BACKPAGEPIX

UKUQALA kwe-Africa Cup of Nations eMorocco ngeSonto kuzonika amaqembu kanye nabadlali abazobamba iqhaza kulo mqhudelwano amathuba okuzifaka emabhukwini omlando ngezindlela ezahlukene.

Selokhu lo mqhudelwano wadlalwa okokuqala eSudan ngo-1957, kunamazwe kanye nabadlali abenza izinto ezimangalisayo kuwona, ezinye okungelula ukuthi ziphindeke maduzane.

 

Amarekhodi amaqembu

I-Egypt isaphethe irekhodi lokunqoba lo mqhudelwano amahlandla ayisikhombisa futhi yilona kuphela izwe elake laba ngompetha kathathu kulandelana. Yadla isicoco se-Afcon ngo-2006, 2008 nango-2010.

ICameroon, elandelayo ngezicoco ezinhlanu, ingalinciphisa igebe uma ingadla umhlanganiso kulo mqhudelwano wanonyaka ozoqala ngoMsombuluko eMorocco. IGhana, enezicoco ze-Afcon ezine, ihlulekile ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano.

Njengoba lingekho izwe elizobe lidlala okokuqala kwi-Afcon kulo nyaka, lokhu kusho ukuthi asangu-10 amazwe akuleli zwekazi angakaze abe yingxenye yawo, okuyiCentral African Republic, Chad,  Djibouti, Eritrea, Eswatini, Lesotho, São Tomé and Príncipe, Seychelles, Somalia neSouth Sudan.

I-Ivory Coast inenselelo yokuqeda ishobolo leminyaka lokuthi iqembu elisuke livikela isicoco lisheshe liwashiswe ijezi. Selokhu i-Egypt yagcina ukuvikela isicoco ngo-2010, bonke ompetha abakwazanga ukufinyelela kuma-quarterfinal emiqhudelwani elandelayo.

Kwi-Afcon edlule iqembu elalivikela indebe, iSenegal, lakhishwa kwi-Last 16, linqotshwa yi-Ivory Coast kumaphenathi.

Amarekhodi abaqeqeshi

Nakuba kunabaqeqeshi asebeke bawunqoba kathathu lo mqhudelwano, uCharles Gyamfi waseGhana noHassan Shehata wase-Egypt, munye kuphela oseke wanqoba lesi sicoco namazwe amabili ahlukene.

Lowo ngumqeqeshi odabuka eFrance, uHerve Renard, owanqoba neZambia ngo-2012 ne-Ivory Coast ngo-2015.

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, angakwenza lokhu uma enganqobisa iqembu lakuleli eMorocco kwazise isicoco sakhe sokuqala wasithola neCameroon ngo-2017 eGabon.

Babili abasohlwini lwabanqoba i-Afcon bengabadlali baphinde bayiwina sebeqeqesha. UMahmoud El-Gohary wanqoba edlalela i-Egypt ngo-1959, waphinda futhi eseyiqeqesha ngo-1998. UStephen Keshi wadla isicoco engukaputeni weNigeria ngo-1994 nangesikhathi esecija leli qembu ngo-2013.

Inkakha yase-Egypt, uHossam Hassan enezindondo ezintathu zegolide eyazithola isengumdlali, isethubeni lokungena kulolu luhlu olukhethekile njengoba isiqeqesha iPharaohs.

UMDLALI waseSenegal, uSadio Mane, udinga inqwaba yamagoli ukuze asondele kwirekhodi eliphethwe yinkakha yaseCameroon uSamuel Eto'o.

Image: BACKPAGEPIX

Amarekhodi abadlali

Nakuba uHassan adlala kwi-Afcon amahlandla ayisikhombisa futhi ayedumile ngokungayibheki inethi, akuyena ophethe irekhodi lamagoli amaningi kulo mqhudelwano. Leli rekhodi ngelenkakha yaseCameroon, uSamuel Eto’o, owahlohla amagoli angu-18 emiqhudelwaneni eyisithupha kusukela ngo-2000 kuya ku-2010.

Njengoba abadlali abaningi abalandela u-Eto’o nabo sebawagaxa emgibeni, oseduze osadlala yisethenjwa saseSenegal, uSadio Mane, esishaye amagoli ayisishiyagalolunye kwi-Afcon ngokuhlukana kweminyaka. Lo mdlali kungadingeka ukuthi ahlohle amagoli angu-10 kulo mqhudelwano ukuze aqophe irekhodi elisha.

Irekhodi eselihlale isikhathi eside kodwa elingaphuka uma kungaba nomdlali oba nomqhudelwano omuhle, elokushaya amagoli amaningi kwi-Afcon eyodwa. Okwamanje lisaphethhwe nguMulumba N’Daye waseDemoratic Republic of Congo owabhakuzisa inethi amahlandla ayisishiyagalolunye ngo-1974.

ULaurent Pokou usaphethe elokuhlohla amagoli amaningi emdlalweni owodwa, okwenzeka ngesikhathi eshayela i-Ivory Coast amagoli amahlanu iguqisa i-Ethiopia ngo 6-1 ngo-1970.

Umakadebona waseMozambique owadlalela amaqembu amaningi kuleli, u-Elias Pelembe Domingues (42), usethubeni lokuba ngumdlali waphakathi omdala kunabo bonke abagijima kwi-Afcon. 

Irekhodi lomdlali omdala kunabo bonke uma kuhlanganiswe nonozinti, liphethwe owayevimbela i-Egypt, u-Essam El Hadary, owadlala eneminyaka engu-44 ngo-2017.